Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuhlokome inkundla kugiya uNyazi ememulweni wendodakazi

Kuhlokome inkundla kugiya uNyazi ememulweni wendodakazi

by | 5 August 2025

KUDUME inhlokomo, kwaqhuma imikikizo esigcawini kugiya umholi webandla lamaNazaretha, ohlangothi lwaseBuhleni, iNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe, emcimbini wokwemuliswa kwendodakazi yakhe nondlunkulu uMaMsomi, uNkz Nontokozo Shembe, ngeSonto.

Lo mcimbi obusemzini woNyazi, oseMzinyathi, ubuhanjelwe yizicukuthwane okubalwa kuzona osomabhizinisi namakhosi ezizwe okubalwa kuwona iNkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo, iNkosi yakwaSithole, uNgqayizivele Sithole nabefundisi bebandla.

Bekukhona nosaziwayo abangamalungu ebandla okubalwa kubo abaculi uSaliwa, uMjolisi noSjava.

Inhlokomo isuke ngemuva kokuba uNontokozo ehlabe umkhonto phambi kukayise, osukume nebandla lezinsizwa ebelimphahlile, wagiya ephindisa umkhonto. Ube esewuhlaba phambi kwendodakazi yakhe, wabe eseyichoma imali, kwabe sekulandwa ubhasikidi, lapho ibandla ebelihamba noNyazi lifake khona imali.

UNontokozo ube esegiya noyise ngesikhathi eseyohlala phansi emphemeni abebekelwe wona esigcawini. UNontokozo ube esethola ezinye izipho kwizihambeli zomcimbi.

Umthombo waleli phephandaba, oyilungu lebandla, uthi okwenziwe wuNyazi kuyisifundo kubona njengamalungu ebandla.

“Eminyakeni emithathu noma emine eyedlule, sike sakubona lokhu ngesikhathi inkosi yenzele amanye amadodakazi ayo umcimbi ofana nalona. Lokhu kuyisifundo sokubaluleka kokugcinwa kwemvelaphi yethu, nokubonga izingane zethu ngokuhlonipha nokuziphatha kahle,” esho.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...