Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uvelile enkontolo uthishanhloko osolwa ngokubulala umkakhe

Uvelile enkontolo uthishanhloko osolwa ngokubulala umkakhe

by | 29 July 2025

UVELE kafushane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini uthishanhloko osolwa ngokubulala inkosikazi yakhe. UMnu Khayelihle Dhlomo ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngempelasonto ngecala lokubulala uNkk Khanyisile Dhlomo owayenguthisha.

Isidumbu sikaNkk Dhlomo satholakala sinamanxeba okugwazwa emzini wabo. Phambilini umsola watshela amaphoyisa ukuthi umufi uzibulele, kodwa uphenyo lwawo lwaveza ukuthi kakunjalo.

Lesi sigameko senzeka ngo-2022, emzini kamsolwa nomufi oseMalvern. Umufi ubenguthisha kwesinye sezikole eziseLindelani, khona eThekwini.

Namuhla enkantolo bekukhona amalungu omndeni kamufi abephethe amaphepha abhalwe ukuthi angayitholi ibheyili. Umshushisi kuleli cala, uMnu Calvin Govender, uveze ukuthi umphenyi wecala ucele ukunikwa noma yizinsuku eziyisikhombisa njengoba kusamele abheke ukuthi uDhlomo uma ephuma ngebheyili uzohlala kuphi, kwazise ubehlala nezingane zakhe nomufi.

Uthe kulezi zinsuku uzogcinwa esiteshini samaphoyisa eDurban North. Icala libe selihlehliselwa uLwesibili ukuze ezofaka isicelo sebheyili.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...