Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uvelile enkontolo uthishanhloko osolwa ngokubulala umkakhe

Uvelile enkontolo uthishanhloko osolwa ngokubulala umkakhe

by | 29 July 2025

UVELE kafushane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini uthishanhloko osolwa ngokubulala inkosikazi yakhe. UMnu Khayelihle Dhlomo ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngempelasonto ngecala lokubulala uNkk Khanyisile Dhlomo owayenguthisha.

Isidumbu sikaNkk Dhlomo satholakala sinamanxeba okugwazwa emzini wabo. Phambilini umsola watshela amaphoyisa ukuthi umufi uzibulele, kodwa uphenyo lwawo lwaveza ukuthi kakunjalo.

Lesi sigameko senzeka ngo-2022, emzini kamsolwa nomufi oseMalvern. Umufi ubenguthisha kwesinye sezikole eziseLindelani, khona eThekwini.

Namuhla enkantolo bekukhona amalungu omndeni kamufi abephethe amaphepha abhalwe ukuthi angayitholi ibheyili. Umshushisi kuleli cala, uMnu Calvin Govender, uveze ukuthi umphenyi wecala ucele ukunikwa noma yizinsuku eziyisikhombisa njengoba kusamele abheke ukuthi uDhlomo uma ephuma ngebheyili uzohlala kuphi, kwazise ubehlala nezingane zakhe nomufi.

Uthe kulezi zinsuku uzogcinwa esiteshini samaphoyisa eDurban North. Icala libe selihlehliselwa uLwesibili ukuze ezofaka isicelo sebheyili.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...