Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Inkosi isemkhankasweni wokuvuselela isizwe

Inkosi isemkhankasweni wokuvuselela isizwe

by | 5 November 2025

IZOQINISA ukuxhumana kwezindawo ezintathu zesizwe sayo inkosi uVukani Ntombela okuyinkosi entsha yakwaNtombela ebithela amanzi eNdlunkulu eMashobeni, oPongolo ngoLwesihlanu, okubalwa namakhosi amahlanu okuyinkosi uMntungwa, iNkosi uNdebele, amakhosi amambili akwaMthethwa. INkosi uNtombela eyengamele indawo yaseBabanango kwaNobamba, eDumbe eNkonkotho, naseVryheid eMazungwini, ithi kungumsebenzi ongelula ukubheka izingxenye eziningi zendawo yoyise mkhulu kodwa ifuna ukuqinisa ukubumba isizwe sikayise ngokuthi isebenze kanzima isebenzele isizwe.

“Selokhu kwakhothama inkosi uMhlabunzima Ntombela, okuyinkosi engizalayo, besingakezwa isihlalo. Ukugezwa kwaso-ke kusho ukuthi usuqala ngokusemthethweni umsebenzi wesizwe sakwaNtombela okumele ngiwuphathe kahle ukuze isizwe sikhule siyephambili,” kusho inkosi.

Isizwe sakwaNtombela sixoshise iSilo ngezinkomo eziwu-49. Ngakolunye uhlangothi inkosi yakwaMthethwa eMpangeni, ithe sekuphele iminyaka ewu-8 kubangwa isihlalo kulobu bukhosi. Iveze ukuthi ukufinyelelwa kulesi sigaba sokuthela kwayo amanzi eNdlunkulu, kusho ukulunga kwezinkinga ebezikhungethe isizwe sakwaMthethwa.

AMAKHOSI ezizwe ezahlukene athele amanzi eNdlunkulu kugezwa izihlalo zoyise.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Nata,l uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe isiko lokuthela kwamanzi libalulekile ngoba ligeza isihlalo senkosi eyakhothama, okuzohlala kusona inkosi entsha. Uthe wusiko lolu olugunyazwe emnyangweni ngokohlelo lukahulumeni.
“Amakhosi esiwathelele amanzi, iwona asemthethweni ezizweni zawo ngoba ithimba lethu lihlolisisile ngaphambi kokuba kufikwe kulesi sigaba, ” kusho uMfu Buthelezi.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...