Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Inkosi isemkhankasweni wokuvuselela isizwe

Inkosi isemkhankasweni wokuvuselela isizwe

by | 5 November 2025

IZOQINISA ukuxhumana kwezindawo ezintathu zesizwe sayo inkosi uVukani Ntombela okuyinkosi entsha yakwaNtombela ebithela amanzi eNdlunkulu eMashobeni, oPongolo ngoLwesihlanu, okubalwa namakhosi amahlanu okuyinkosi uMntungwa, iNkosi uNdebele, amakhosi amambili akwaMthethwa. INkosi uNtombela eyengamele indawo yaseBabanango kwaNobamba, eDumbe eNkonkotho, naseVryheid eMazungwini, ithi kungumsebenzi ongelula ukubheka izingxenye eziningi zendawo yoyise mkhulu kodwa ifuna ukuqinisa ukubumba isizwe sikayise ngokuthi isebenze kanzima isebenzele isizwe.

“Selokhu kwakhothama inkosi uMhlabunzima Ntombela, okuyinkosi engizalayo, besingakezwa isihlalo. Ukugezwa kwaso-ke kusho ukuthi usuqala ngokusemthethweni umsebenzi wesizwe sakwaNtombela okumele ngiwuphathe kahle ukuze isizwe sikhule siyephambili,” kusho inkosi.

Isizwe sakwaNtombela sixoshise iSilo ngezinkomo eziwu-49. Ngakolunye uhlangothi inkosi yakwaMthethwa eMpangeni, ithe sekuphele iminyaka ewu-8 kubangwa isihlalo kulobu bukhosi. Iveze ukuthi ukufinyelelwa kulesi sigaba sokuthela kwayo amanzi eNdlunkulu, kusho ukulunga kwezinkinga ebezikhungethe isizwe sakwaMthethwa.

AMAKHOSI ezizwe ezahlukene athele amanzi eNdlunkulu kugezwa izihlalo zoyise.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Nata,l uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe isiko lokuthela kwamanzi libalulekile ngoba ligeza isihlalo senkosi eyakhothama, okuzohlala kusona inkosi entsha. Uthe wusiko lolu olugunyazwe emnyangweni ngokohlelo lukahulumeni.
“Amakhosi esiwathelele amanzi, iwona asemthethweni ezizweni zawo ngoba ithimba lethu lihlolisisile ngaphambi kokuba kufikwe kulesi sigaba, ” kusho uMfu Buthelezi.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...