Ilanga News
Home 9 Featured 9 INKOSI isolwa ngokuqhwaga ubukhosi bukayise ephila

INKOSI isolwa ngokuqhwaga ubukhosi bukayise ephila

by | 17 April 2025

ISIPHENDUKE umnumzane iNkosi yesizwe saKwaGumede, KwaMashabane, eManaba, KwaMhlabuyalingana ebisolwa ngokuqhwaga isihlalo sikayise esadla amabele.

UMnu Sunboy Gumede (56) ubesolwa ngokuqhwaga sikhundla sikaMnu Sizabantu kaZikhungo Gumede (100).

Kusukela ngonyaka ka-2017 isizwe saKwaMashabane besikhungethwe wumbango wesihlalo ophakathi kubaba nendodana.

Umbango walesi sihlalo ugcine usukapakela nasemphakathini kubambezeleka nezinhlelo zokwakhiwa kwengqalasizinda esizweni.

Lesi sizwe sinezigodi eziwu-18. Iningi lalezi zigodi zinezinduna ngazimbili njengoba indodana ibisibeke ezayo izinduna phezu kwezikayise.

Lolu daba lwakhulunywa kakhulu ezinhlakeni ezahlukene. Eminye imihlangano ibingaqedwa kuhluthulwane ngequpha.

ILANGA laba ngelokuqala ukubika ngalolu daba izikhawu eziningana. Kwesinye isigameko esenzeka likhona leli phephandaba, kwaba ngesenkosi uSizabantu eyavinjwa yingxenye yabasendlunkulu ngenkathi ifuna ukuthela ngesibhaxu indodana yayo, iyisola ngokuntshontsha isihlalo sobukhosi.

NgoMsombuluko uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ufike eNkantolo yesizwe saKwaMashabane kwethulwa umbiko wokuthi udaba luvune iNkosi uSizabantu.

Izikhulu zomnyango beziholwa nguMnu Sibiya eligcine singatholakalanga igama lakhe, kanye noMnu Jabulani Mkhabela ophethe ihhovisi lalo mnyango ngaphansi kwesiFunda uMkhanyakude eMkhuze.

Emuva kokukhishwa kwesinqumo, kube nemibhiyozo emikhulu ezigodini ezahlukene zesizwe abantu bejabulela ukubuyela kwesihlalo. Babodwa abebeklolodela uhlangothi oluhambisana nendodana yenkosi.

Ekuqaleni kodaba kwavela ukuthi iNkosi uSizabantu eyayineminyaka ewu-92 ngaleso sikhathi, yabiza umndeni yawubikela ukuthi isikhulile, kayisenawo amandla okuqhubeka nemisebenzi yesizwe.

Kuthiwa yanxusa ukuba kunikwe indlalifa yayo uSunboy amalungelo okwenza imisebenzi yesizwe. INkosi uSizabantu yabe isiveza ukuthi yayingahlosile ukusuka esihlalweni.

“Mina ngabona kufika abomndeni behamba nabomnyango. Bathi bazoqinisekisa indlalifa. Ngasayina incwadi ngingazi ukuthi ngisayina incwadi yokususa isihlalo kimi, ngisinika indodana yami. Ngafaka udaba eNkantolo yeMantshi yasoBonjeni, ngicela ukuba ingelekelele kubuye isihlalo sami. Nami angisithathanga isihlalo esaphila ubaba. Ngamlinda wakhula waze waholwa ngesikhumba. Isihlalo sobukhosi ngasithatha sekukudala ngaqala ukuhola imali yempesheni yokuguga. Indodana yami yona ingephuca isihlalo ngoba ayizange isebenze ekubeni mina ngayihambisa nasesikoleni kodwa yona yakhetha ukuyothengisa imithi edolobheni iTheku,” esho.

ILANGA lalikhona komunye umhlangano owawuphakathi komnyango, ababangayo, kanye nendlunkulu kaZulu.

Kulapho khona iNgonyama yamaZulu uZwelithini kaBhekuzulu yeluleka indodana yenkosi ukuba ingaqhubeki nokuhola isizwe esaphila uyise ngoba lokho kungayidalela amashwa.

ISilo sakhipha amazwi okuthi kalikho ilanga eliphuma phezu kwelinye kodwa kuqala ngokuba mnyama bese kuvela elinye ilanga.

UMnu Sifile Gumede okhulumela uhlangothi oluchithwe wumbiko uthe bebekhona enkantolo yesizwe kodwa konke okumenyezelwe abakushayi indiva.

Uthe bahlela ukunikela enkantolo.

“Umnyango kawuwabeki amakhosi kodwa ulandela lokho okushiwo wumndeni. Kulolu daba uyena umfowethu owasibiza wasitshela ukuthi usekhathele. Sizolandela lokhu asitshela khona ngomlomo wakhe. Siwumndeni kasisamdingi ngoba uhlangene nabantu bangaphandle kozalo. Kwabona ubukhosi kungenzeka usebunikele kubantu bangaphandle. Maqondana nalesi sinqumo sizoya enkantolo. Kuyophela izibaya sikhokhela abameli abazosilwela kulolu daba,” esho.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMnu Senzelwe Mzila othe bayalwazi udana kodwa wacela ukuthunyelelwa imibuzo okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.

Ezisematheni

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

UCHAZWE njengesibusiso esikoleni samabanga aphakeme Inanda Newtown Comprehensive High School usomabhizinisi onikele ngesamba sikaR200 000 ukusiza abafundi abadinga usizo nezidingo zesikole. UMnu Sandile Msomi ongumnikazi wezinkampani iQiniso Protection Services...

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

UGALAGALA lweJaji eselithathe umhlalaphansi, uMjabuliseni Madondo, lithi akukho okungalungile ngoMthetho wesiNtu, olawula umshado ohlanganisa amafa. INkantolo yoMthethosisekelo, isanda kuphasisa uMthetho othi, uma sekuke kwafika abakhongi, baqala izingxoxo zamalobolo,...

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

UNGQONQGOSHE wezokuVasha kuZwelonke, uNkk Patricia de Lille uzishaya isifuba ngokwenyuka kwesibalo sabantu abavakashe eNingizimu Afrika, ngonyaka odlule (2025). Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uNkk de Lille, uthe zingu 10,4 million izivakashi ezitheleke ezweni...