Ilanga News
Home 9 Featured 9 INkosi uZuzifa inezinhlelo ezinkulu ngesizwe sakwaButhelezi

INkosi uZuzifa inezinhlelo ezinkulu ngesizwe sakwaButhelezi

by | 15 May 2025

INKOSI uZuzifa Buthelezi. UMTHWEBULI NGU: Umshuthi Oclean Photography.

ILAXAZE phansi iziqu zomthetho ezifundele esikhungweni sezemfundo ephakeme i-University of Zululand, Ongoye, iNkosi uNtuthukoyezwe Maphikelela Buthelezi (70) ngenxa yothando lomsebenzi wokukhangisa ngemikhiqizo yebhizinisi (Marketing).

INkosi iyindodana yokuqala yalowo owayenguNdunankulu kaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, okhothame ngo-2023. NgoLwesine iNkosi uButhelezi ibe nenkulumo ekhethekile neLANGA esigodlweni KwaPhindangene, lapho ililandise ukusuka nokuhlala ngempilo yayo. Ithi iyinqwele kwezokukhangisa okuwumsebenzi ebizifela ngawo ngaphambi kokuba ithathe izintambo zobukhosi.

Uyazigqaja ngokusebenzela inkampani eyaxhasa iKaizer Chiefs.

“Ngineziqu zomthetho, iBA Degree, ngigabe (major) ngezifundo zepolitiki (Polictical Science) engazithola Ongoye, kodwa angikaze ngiwenze lo msebenzi ngoba ngathathwa uthando lwamabhizinisi, ikakhulukazi emkhakheni wokukhangisa. Ayikho into engijabulisa njengokuthi ngesikhathi ngithweswa lezi ziqu, uMntwana wakwaPhindangene, ubaba wami ongizalayo kwaqondana nokuthi nguyena owayengushansela Ongoye ngaleso sikhathi. Lowo muzwa namanje awukadluli enhlizweni yami,” esho injabulo ibonakala ebusweni.


Uzishaya isifuba ngomkhiqizo wempuphu abayingxenye yokuwusabalalisa izwe lonke, nowagcina ungabaxhasi beqembu likanobhujuzwayo iKaizer Cheifs.
“Ngiqale ukusebenza enkampanini iPrimier Milling ngiwumphathi ophikweni lwezokukhangisa (Marketing Manager). Ngaphansi kwale nkampani kwakukhona nomkhiqizo wempuphu, iWisa Maize Meal. Ngaleso sikhathi sasingabaxhasi abaqavile beqembu lebhola iKaizer Chiefs. Impuphu iWisa ngalesi sikhathi yayidayisa kakhulu njengoba neqembu lalibizwa nge-Iwisa Kaizer Chiefs. Umlandeli weKaizer wayekuqonda ukuthi uma ethenga le mpuphu usuke eseka iqembu lakhe,” esho.

Ubebayingxenye yezivumelwano zokudayiswa kwenkampani abeyisebenzela.

Inkosi isebenzele inkampani eyodwa yaze yathatha umhlala phansi kodwa okuqaphelekile ukuthi inkampani ibishintsha ubunini ngenxa yokudayiselana kwamasheya kosomabhizinisi. Ibiba yingxenye yezingxoxo zokuthengiselana, ihlala emabhodini nasemihlanganweni. Phakathi kwezikhundla esike yaziqhoqhobala ezibalulekile singabala ukuba yiNational Contracts Manager enkampanini iCorobrick engaphansi kwenkampani uTongaat Hullets lapho ayebhekelele zonke izinto ezithintana nokudla ezikoleni nasezimayini, Kagiso Khulani Super Vision lapho wayenguMgqondisi omkhulu kwezokukhangisa (Marketing Director) nokuba yiStrategic Account Director enkampanini iCompass Group South Africa. Useke wahambela amazwe aphesheya ngenxa yomsebenzi wakhe.

Uyise ubebakhulula benze abakuthandayo.

Exoxa ngomlando kayise, uthi ngeke ikwazi ukwanela ezicathulweni zakhe, zinkulu kakhulu futhi ngeke ayikhohlwe idlela abakhulise ngayo. Uthi icela ukunikwa ithuba angafaniswa noyise.
“Into engiyithanda ngobaba, ubelokhu ekhona empilweni yethu sonke nodadewethu eseseka. Ubengusopolitiki kodwa ubungeke umuzwe ethi asenze okuthandwa nguyena, ubesidedela ethi asizikhethele esikuthandayo.


Ngemva kokubona ukuthi usekhulile, usehlala ngokugula ngonyaka k-2019, ngithathe isinqumo sokushiya konke ebingikwenza eGoli, ngabuyela ekhaya ngenhloso yokuba ngifunde okuningi kuyena okuphathelene nobukhosi. Ngifisa isizwe sakithi KwaButhelezi singinike ithuba ngizibonakalise, ngeke ngifane nobaba, akulula ukungena ezicathulweni zakhe, zinkulu kakhulu. Abantu bangangehluleli ngokubheka yena, ababheke mina engiza nakho. Nginezinhlelo ezinkulu ngalesi sizwe, ngifisa saziwe ngokulima. Sinomhlaba omkhulu kakhulu. Isizwe saKwaButhelezi sikhulu kakhulu, sinezinduna eziwu-52. Noma izinselelo zikhona kodwa ngiyayibonga imfundiso engayishiyelwa ngubaba, ungifundise okuningi,” kuphetha uButhelezi.
Inkosi ishadelwe nguNdlunkulu uMichelle MaMohale, babusiswe ngamazinyane amabili uNokuthula noZakithi ongumfana, nabazukulu ababili.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...