Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuzokhunjulwa uBrenda noMandoza kowe-Old Skool

Kuzokhunjulwa uBrenda noMandoza kowe-Old Skool

by | 4 December 2025

NGUMCULI uZola

KUZOKHUNJULWA izinkakha zomculo esezadlula emhlabeni, uBre-nda Fassie noMandoza, emcimbini ozobe uqala ukwenzeka kulo nyaka, obizwa nge-Old Skool Picnic, ozoba ngomhla ka-26 kwephezulu, eMunies Hockey Club, eThekwini.

Lokhu kuvezwe ngabahleli balo mcimbi, abathe kuzobe kukhunjuzwa abathandi benjabulo ‘ezamzukwana’ ngalo mcimbi. UNkz Zama Mkhize ongomunye wabahleli bomcimbi, uthe imicimbi eminingi isivamise ukugaba ngaba-culi besimanje, bese beyakhohlweka labo ababekhona eminyakeni edlule.

“Ebesikuqaphela wukuthi nakuba laba baculi asebekhulile bengaqashiwe emicimbini, kodwa uma kudlala izingoma zabo, abantu bayajabula, okusho khona ukuthi lusekhona uthando lwabo. Yingakho sikhethe ukuqhamuka nomcimbi lapho sizobe sigabe ngalaba baculi okuyibona abavule indlela, bavulela laba osekuyibona abadume manje,” kusho uNkz Mkhize.

Uthe kubalulekile ukuthi izinkakha eziyibekile induku ebandla, zingalibaleki, futhi nazo zikwazi ukubizwa emicimbini zizojabulisa abantu ukuze nalabo abasebasha, bakwazi ukubabona laba bantu abayiqalile le ndlela, futhi bazakhela negama.

“Kubalulekile ukuthi uqonde imuva ukuze wazi ikusasa,” esho.

Kulo mcimbi we-Old Skool, kuzobe kunandisa abaculi noDJ, okubalwa kubona uMdu Masilela, uZola 7, uProfessor, uKabelo Mabalane, uDJ Siyanda, uDJ Bongz, uDJ Chynaman, uDJ C’ndo, uDJ Happygal, iMalini nabanye. Abaphathi bohlelo nguTha Simelane, uMondli Mzizi, uSwazi M nabanye.

UNkz Mkhize uthe kulo nyaka bakhethe ukuthi bazokhumbula uBrenda noMandoza, kanti bahlela ukuthi minyaka yonke bakhumbule nabanye abaculi abangasekho emhlabeni.

“Ngeke sikhethe uhlobo lomculo, kodwa sizobakhumbula ngamagalelo abo emculweni,” esho.

Uthe amathikithi alo mcimbi atholakala eComputicket, nasezitolo zakwaShoprite kusukela ngo-R250 kuya phezulu kwawezicukuthwane. Uveze ukuthi abantu bavumele-kile ukuziphathela ama-cooler box abazowakhokhela u-R150 esangweni, kodwa uma sekushaye ihora lesihlanu, ngeke besavumeleka ukuthi bangene nawo.

Unxuse abantu ukuba basheshe bawathenge amathikithi, ukugwema ukuphoxeka ngosuku lomcimbi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...