Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umnyango uxwayisa ngesifo samatele

Umnyango uxwayisa ngesifo samatele

by | 5 June 2025

UMNYANGO wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya, KwaZulu-Natal, usuxwayise abafuyi bezinkomo njengoba sekubheduke isifo samatele, ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe. Isifunda saseMzinyathi, enyakatho ntshonalanga, yisona sokugcina okusanda kutholakala kusona izinkomo ezinesifo samatele. Izifunda ezithithekayo, yiKing Cetshwayo, uMkhanyakude, iZululand, naMajuba.


Okhulumela uMnyango esifundazweni, uMnu Vusi Khumalo, uthi izifunda ezisondelene neziqiwi yizona ezisengozini yokuthi izinkomo zakhona zihaqwe yilesi sifo.


“Izinyathi yizona eziba nalesi sifo, zihlala eziqiwni, uma izinkomo zibe sezindaweni eziseduze neziqiwi, maningi amathuba okuthi zihaqwe yisifo samatele. Sinxusa abafuyi bezinkomo ukuba bazihambise emadiphini izinkomo, ngoba singumnyango, sinohlelo lokuzijova. Nalabo abathenga babuye badayise izinkomo, ababheke ukuthi azikahaqwa yilesi sifo,’ kusho uKhumalo.


UMqondisi-Jikelele woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya, kuZwelonke, uMnu Dipepeneneng Serage, uthi bakhathazekile ngoba kutholakale ukuthi izinkomo ezisemadeleni akhiqiza inyama yenkomo eningi iKarafan Beef, aseHiedelberg, eGauteng, izinkomo zakhona kutholwe ukuhi zinaso lesi sifo samatele. Lokhu kube nomthelela omubi emnothweni, ngoba amazwe angaphandle abethenga inyama yenkomo kuleli zwe, asemile ukuyithenga.


“Siyacela abafuyi bezinkomo behlise umoya, siyazama ukunqanda ukubhebhetheka kwamatele. Siyacela nabalimi babambisane nomnyango, emizameni wokunqanda ukubhebhetheka kwaso. Ukuhethwa kwezinkomo zithuthelwe kwezinye izifunda ake kume kancane, kuze kube isimo siyalawuleka,” kusho uSerage.


Amatele aseHeidelberg, kuthiwa anezinkomo eziwu 149 000, kanti yiwona akhiqiza inyama eningi ezweni, enye idayiselwa amazwe angaphandle.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...