Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Inselelo kubazali iDUT yamukela izitshudeni ezintsha

Inselelo kubazali iDUT yamukela izitshudeni ezintsha

by | 8 February 2026

UVULE amehlo abazali ukuba bangadembeseli ukuqapha ngeso lokhozi izingane zabo noma zinga-sekho emfundweni yamabanga aphansi.


Lokhu kuvezwe ngumphathi waseDurban University of Technology (DUT) uSolwazi Thandwa Mthembu, ezinkundleni zemidlalo iCurries Fountain, eThekwini, ngoLwesibili, embizweni yenyuvesi.
I-DUT ibize abazali nezitshudeni ezemukelwe kule nyuvesi ezizo-kwenza unyaka wokuqala kuyona, njengoba kufanele aqale amakilasi ngoMsombuluko mhlaka-9.


USolwazi Mthembu uthe izinto ziyonakala ngenxa yokuthi abazali kabasiqinisi isandla uma izingane zingasekho phambi kwamehlo abo.
Ubebize abazali ebatshela ngempilo yasenyuvesi, okuyimpilo entsha, ezobe izoqalwa yizingane zabo, eluleka nazo izitshudeni.
“Inyuvesi ithole izicelo zaba-ntwana abafuna ukufunda kuyona eziwu-231 502 kulo nyaka, yamukela abawu-9 416, lokho okwenza u-4% esiwemukelile ezicelweni zabo abavela kumatikuletsheni.”


“Lokho kusho lukhulu kulaba abemukeliwe. ngiyababongela kakhulu. Inselelo enkulu ngiyipho-nsela abazali ukuba basondele empilweni yezingane zabo ngoba ziningi izinto eziyimikhuba emibi, ezenzeka emanyuvesi. Eziningi zazo lezi zinto zimnandi ezinganeni, kodwa kazinayo imiphumela emihle. Izingane zihlala ezindaweni zobumnandi, zithengelwe utshwala kulezo zindawo, zibulawe, ziphika naba-ngani ababi, bese zikhohlwa ngezikuzele eThekwini,” kusho uSolwazi.


Uthe uyabonga kakhulu kubazali ngokwethemba kwabo le nyuvesi njengoba belethe kuyona izingane zabo. Utshele abazali ukuthi lo nyaka uyisiqalo esisha empilweni
yezingane zabo.


“Yingakho ngithi mazigadwe izingane ukuze zikhule ngendlela efanele, zifunde zibuye-le emakhaya neziqu zemfundo ephakeme. Uma abantwana benganakiwe, bazobuya nemiphumela emibi.
“Nginethemba lokuthi akekho umzali olethe ingane yakhe eDUT engafuni ukuba emuva kweminyaka emithathu ibuye nesitifiketi okuyisona esizoshintsha impilo emndenini,” esho.


Uthe ukukhula empi-lweni, kulele kuzona izingane ngokuthi ziqhele empilweni yobukhazikhazi yaseThekwini, zenze ezikuzele enyuvesi.
Uveze ukuthi le nyuvesi ihamba phambili kuwona wonke amanyuvesi ezobuchwepheshe kuleli zwe kusukela ngo-2020.
“Ngiqonde ukuveza ukuthi izi-ngane zenu nizilethe endaweni ekulungele ngempela ukuthi ziqeqeshwe emfundweni,” esho.
Uthe zilinganiselwa ku-34 000 izitshudeni ezizobhalisela ukufu-nda kulo nyaka sekuhlanganiswe nebezifunda nyakenye.
Omunye wabafundi abafikayo kulo nyaka, u-Akhona Hlatshwayo, ozokwenza iziqu zeHospitality, uthe okukhulunywe ngumphathi wenyuvesi kubalekelelile.


“Njengoba sibuya ezindaweni zasemakhaya, okuningi okwenzeka enyuvesi kasikwazi, sizwa ngendaba. Uma sixwayiswa yiziphathima-ndla zenyuvesi, kufanele silalele,” kusho u-Akhona.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...