Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuyaphela ”ngesicefe” sezingcingo nemiqhafazo yezinkampani emakhasimendeni

Kuyaphela ”ngesicefe” sezingcingo nemiqhafazo yezinkampani emakhasimendeni

by | 5 November 2024

BHEKI NDLOVANA 

ISIZE yasukunyelwa indaba “yesicefe” sezingcingo ezingenamkhawulo nemiqhafazo ethunyelelwa abathengi, ivela ezinkampanini ezisuke zidayisa imikhiqizo. Sekuthathwe isinyathelo sokuba kwenziwe isichibiyelo emthethweni ovikela abathengi, iConsumer Protection Act, ukuze bavikelwe kule nkinga osekunesikhathi eside kukhalwa ngayo.   

Lesi sichibiyelo sizovimbela izinkampani ezidayisa imikhiqizo ukuba zingaveli zifonele umuntu, noma zimthumelele umqhafazo uma engakuthandi lokho.  Sizohambisana nokwethulwa kwebhuku elibizwa nge-OPt Out Registry, abathengi abazobhalisa kulona uma bengafuni ukuthola lezi zingcingo nemiqhafazo. Kanjalo futhi nezinkampani kuzofanele zibhalise, bese zenza isiqiniseko sokuthi kazixhumani nomuntu ongadingi ukuba zixhumane naye. 

UMnu Parks Tau (osesithombeni) ongungqongqoshe wezohwebo, ezezimboni nezokuncintisana, usanda kushicilela isaziso mayelana nalesi sichibiyelo esihlongozwayo, kanti kunxenxwa umphakathi ukuba ubeke imibono ngaso. Nezinye izinhlaka ezithintekayo, zimenyiwe ukubeka imibono yazo. 

Ukuthunyelwa kwemibono kuzovalwa mhla ka-15 January ngonyaka ozayo. Abanemibono bangayithumela emnya-ngweni kuMnu Sibusiso Sasayi, ekhelini elithi: Private Bag X 84, Pretoria, 0001; noma nge-email ethi: SSasayi@thedtic.gov.za. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...