Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umsindo uhambo lukaMashatile ludla izindodla

Umsindo uhambo lukaMashatile ludla izindodla

by | 5 June 2025

USOTSWEBHU omkhulu we-Action SA, uLerato Ngobeni, upheke iPhini likaMengameli wezwe uMnu Paul Mashatile, ngebhodwe elincane, ePhalamende, embuza ngohambo lwakhe olwaya eJapan, ngenyanga kaNdasa (March), kulo nyaka.

Imibiko, iveza ukuthi uMashatile, wahamba nomkakhe uNkk Humile Mashatile, bachitha uR2,3 million, kuleyo mali u R900 000, wasesthenziswa kukhokhelwa izindawo ababelala kuzo.
Kusuka lo msindo nje, uMashatile, ngonyaka odlule wasolwa ngokusebenzisa imali ebalelwa ku-R5 milliion, ngohambo lwakhe olwaya e-Ireland, wabuye wasebenzisa uR2 million, ehotela ayelala kulo eLondon.

UNgobeni, uthi yize uhambo lukaMashatile lwaseJapan, lwalubalulekile, kodwa imali eyachithwa ngalo yayinkulu kakhulu. UMashatile, usolwa ngokuthi uzicebisa yena, umkakhe, umdeni wakhe, izihlobo zakhe nabangani bakhe, ngemali yabakhokhi bentela. I-Action SA ithi ibheka ukusebenza kwemali ekhishelwa ukuhambela emazweni angaphandle kusukela ngoNtulikazi (July) wangonyaka odlule.


Eziphendulela uMashatile, uthe wayengayile ukuyovakasha kodwa wayehambele izinto ezizosiza izwe.
“IJapan yizwe lesine eliphezulu kwahweba neNingzimu Afrika. Ukuba nokuxhumana nokuqinisa ubudlelwano kwezohwebo yinto esemqoka. Ngangingayile kongcebeleka, ngangiye ngomsebenzi ongunyazwe nguhulumeni, esho.


Kubuye kwakhishwa uhide lwezinkambo ezithathwa yiPhini likaMengameli, selokhu aba kulesi sikhundla. Kuthiwa zonke uma zihlanganiswa zingaba R7,9 million. Phakathi kwazo uhambo lwakhe lwase-United Kingdom lwangoMandulo (September) kuya kuMfumfu (October) ngonyaka odule. Uhambo aluthatha eyomela uMengameli Cyril Ramaphosa kugcotshwa uMnu Duma Boko, eMengameli waseBotswana, ngoLwezi (November) 2024, nohambo lwakhe olwaya eHarare, eZimbabwe emhlanganweni weSADC.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...