Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umsindo uhambo lukaMashatile ludla izindodla

Umsindo uhambo lukaMashatile ludla izindodla

by | 5 June 2025

USOTSWEBHU omkhulu we-Action SA, uLerato Ngobeni, upheke iPhini likaMengameli wezwe uMnu Paul Mashatile, ngebhodwe elincane, ePhalamende, embuza ngohambo lwakhe olwaya eJapan, ngenyanga kaNdasa (March), kulo nyaka.

Imibiko, iveza ukuthi uMashatile, wahamba nomkakhe uNkk Humile Mashatile, bachitha uR2,3 million, kuleyo mali u R900 000, wasesthenziswa kukhokhelwa izindawo ababelala kuzo.
Kusuka lo msindo nje, uMashatile, ngonyaka odlule wasolwa ngokusebenzisa imali ebalelwa ku-R5 milliion, ngohambo lwakhe olwaya e-Ireland, wabuye wasebenzisa uR2 million, ehotela ayelala kulo eLondon.

UNgobeni, uthi yize uhambo lukaMashatile lwaseJapan, lwalubalulekile, kodwa imali eyachithwa ngalo yayinkulu kakhulu. UMashatile, usolwa ngokuthi uzicebisa yena, umkakhe, umdeni wakhe, izihlobo zakhe nabangani bakhe, ngemali yabakhokhi bentela. I-Action SA ithi ibheka ukusebenza kwemali ekhishelwa ukuhambela emazweni angaphandle kusukela ngoNtulikazi (July) wangonyaka odlule.


Eziphendulela uMashatile, uthe wayengayile ukuyovakasha kodwa wayehambele izinto ezizosiza izwe.
“IJapan yizwe lesine eliphezulu kwahweba neNingzimu Afrika. Ukuba nokuxhumana nokuqinisa ubudlelwano kwezohwebo yinto esemqoka. Ngangingayile kongcebeleka, ngangiye ngomsebenzi ongunyazwe nguhulumeni, esho.


Kubuye kwakhishwa uhide lwezinkambo ezithathwa yiPhini likaMengameli, selokhu aba kulesi sikhundla. Kuthiwa zonke uma zihlanganiswa zingaba R7,9 million. Phakathi kwazo uhambo lwakhe lwase-United Kingdom lwangoMandulo (September) kuya kuMfumfu (October) ngonyaka odule. Uhambo aluthatha eyomela uMengameli Cyril Ramaphosa kugcotshwa uMnu Duma Boko, eMengameli waseBotswana, ngoLwezi (November) 2024, nohambo lwakhe olwaya eHarare, eZimbabwe emhlanganweni weSADC.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...