Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izindaba Featured 9 Intuthuko idinga sibheke esinakho ngaphambi kokufuna esingenakho

Intuthuko idinga sibheke esinakho ngaphambi kokufuna esingenakho

by | 15 October 2025

AMAQEMBU kumele azihlele ukuze adle umhlanganiso okhethweni lohulumeni basekhaya. Kumele aqondisise ukwakheka kukahulumeni ezweni lethu.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika uhlukene izigaba ezintathu; wuhulumeni kazwelonke, wuhulumeni wesifundazwe nohulumeni wasekhaya. Lolu khetho esiya kulona lubhekene nohulumeni wasekhaya. Imikhankaso yamaqembu kumele ibhekane ngqo nezinselelo zohulumeni basekhaya.

Labo hulumeni abathathu basebenza ngezindlela ezahlukene, kodwa inhloso iyodwa, wukuthuthukisa izwe lethu nokuletha izinsiza kubantu. Kuvamisile ukubona amaqembu amaningi ephambanisa imikhankaso yawo. Uthola ekhankasa ngezinto zikazwelonke ngesikhathi sohulumeni basekhaya.

Lokhu kwenza la maqembu abukeke esenga ezimithiyo, ngoba kawanawo amandla okulawula okwenzeka kuhulumeni kazwelonke. Lokhu kwenza izinto azithembise abantu zingenzeki ngoba zenziwa wuhulumeni ka-zwelonke. Amaqembu kumele aqonde kahle ukuthi amandla anhlobonhlobo kahulumeni alelephi. Lokhu kuyosiza iqembu ukuthi libe nemikhankaso eqonde ngqo ezinhliziyweni zabantu nezidingo zabo.

Kumele bafolose ngabantu abathandwa wumphakathi, futhi abazimisele ngokusebenza. Kumele laba bantu bangabi nechashaza lenkohlakalo. Uma ubuka ukwenzeka kwezinto, inkohlakalo izohamba phambili emikhankasweni yokhetho lohulumeni basekhaya.

Uma iqembu lifolosa nganoma ngubani, liyobe lizigwaza ngowalo. Abantu abasezweni lethu ngokungemthetho ngenye yezinto ezizoba seqhulwini emikhankasweni yamaqembu. Umhlaba wonke ubhekene nale nkinga, ngisho amazwe athuthukile anenkinga yabantu abangena ngokungemthetho emazweni awo.

Lokhu kwenza abantu bangazitholi izidingo nezinsiza ezifanele lapho abahlala khona. Phela abantu bahlala kohulumeni ba-sekhaya. Abantu bangaphandle bayakwazi ukwenza imisebenzi eminingi nokuyakha. Lokhu kwenza abantu bakithi baphelelwe amathuba. Ubugebengu obuhambisana nezidakamizwa yizo zonke izinto eziyimikhankaso yohulumeni basekhaya.

Imikhankaso eminingi kumele ibhekane nokunqoba indlala yemisebenzi entsheni yakule lizwe. Kumele amaqembu achaze ukuthi imisebenzi azoyakha kanjani, nokuthi azobaheha kanjani abatshali zimali ezindaweni zawo. Amaqembu azokwenza njani ukumba-ndakanya ubuholi bomdabu ekuthuthukisweni kwabantu ezindaweni zabo.

Kunomhlaba omningi ongalinyiwe, ukudla kudingeka emhlabeni wonke. Ezolimo uma zisetshenziswa kahle zingakha imisebenzi eminingi ezweni lethu. Lokhu kungaqeda indlala, kuphinde kwakhe amathuba emisebenzi. Kunamazwe angenazo izithelo ezithize, kanti izwe lethu linothe kakhulu ekutshaleni. Lokhu kuyithuba elihle kakhulu ezindaweni zethu.

Imfuyo eningi kubantu basemakhaya bayifuyela ukuyibuka ize iguge, iphelelwe yisikhathi. Abaqondi ukuthi ukugcina imfuyo kudla ephaketheni. Kumele imfuyo idayiswe, kubekwe imali noma kuphinde kuthengwe enye. Konke lokhu kungenza abantu bakwazi ukondla imindeni yabo. Ukusiza laba bantu kudinga abaholi abaqaqekile engqondweni, nabakuqondayo ukuthi kuyini ukuthuthukisa imiphakathi.

Uma uthuthukisa umphakathi, kumele uqale ubheke ukuthi kunani ezindaweni zawo ezingaba yisiqalo sentuthuko. Uma usebenzisa le ndlela, ungabona ukuthi ezindaweni eziningi, abantu bahleli nezinto eziwu-mcebo kodwa abafundisekile ukuzibona nokuzisebenzisa. Kunezinto ezibukeka zingasizi endaweni kodwa kwezinye izindawo zidingeka kakhulu.

Endaweni engihlala kuyo kunolwandle futhi kunezinhlanzi eziningi. Abantu abansundu abaningi kabayisebenzisi inhlanzi kodwa kunezindawo ikakhulu ezihlala abomdabu waseNdiya, abathanda kakhulu inhlanzi. Le nhlanzi bangayidoba bahambe bayoyidayisa kulabo abayidingayo.

Bakhona abadobi abazi ngisho ukuthi ulwandle luba nezinhlanzi uma kunjani. Bonke laba bantu bangasizakala uma uhulumeni wasekhaya unabantu abaqondayo ngokuthuthukisa umphakathi. Esikhathini esiningi intuthuko yo-muntu iseduze naye kodwa akayiboni. Kudingeka amakhansela nabaholi abanolwazi, ukuze imiphakathi yethu ithuthuke. Intuthuko yomphakathi idinga sibheke esinakho ngaphambi kokufuna esingenakho.

UMnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana
Uneziqu zeMasters in Governance and Political Transfo-rmation
Wayengumqondisi: eKZN Office of the Premier: Community Partnership and Moral Regeneration
Ungumbhali wencwadi ethi: “Talking to Yourself – The Journey to Self-disco-very”
Utholakala ku: nkwanyanacb60@gmail.com
Ucingo neWhatsApp 0
66 544 5466

Ezisematheni

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

UZOFIHLWA ngoMgqibelo, eBloemfontein, owaba ngomunye wabasunguli beCongress of the People (COPE), uMnu Mosioua "Terror" Lekota. ULekota, ushonele esibhedlela esiseGoli ngesonto eledlule, ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza. Uke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela...

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi. UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini,...