Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Iphoyisa ‘labalekiswa wukungavukelwa kweshende’

Iphoyisa ‘labalekiswa wukungavukelwa kweshende’

by | 5 November 2025

LIMANGAZE abantu abebesenkantolo iphoyisa lesifazane – uNkz Dumsile Sibisi (36) waseHlobane, eVryheid – lidalula ukuthi belidla imali yeshende lalo elinguMnu Dumsani Nxumalo ekubeni belazi kahle kamhlophe ukuthi kalikaze limthande.

UNxumalo uphakathi kofakazi bombuso ecaleni eliqhubekayo eNkantolo eNkulu eMthuzini, elethweswe uDumsile lokubulala ugogozala uNkz Dingeni Kubheka (75) nelokwakha itulo lokubulala uMnu Kwanda Mngomezulu ongumyeni wakhe wezinkomo (bebengakagcagci), owasindiswa wukuthi izinkabi zafika engekho kubo.

La macala enzeka eSicayini, KwaNongoma ngo-2022. Kusolwa ukuthi uDumsile wayewahlela noMnu Thulani Mbatha (35) waseMandosi eVryheid, uMnu Ncebo “Maqhude” Mavu-so (28) waseHlobane owayeshayela imoto, uMnu Mndeni Buthelezi (30) waseVryheid noMnu Dumsane Gume-de (40) waseDaveyton, eGoli.

Ngesikhathi uDumsile eholwa ngummeli wakhe uMnu Sifundo Mbambo, ngoLwesithathu uveze ukuthi sewake waba nobudlelwano nomphenyi wecala, uMnu Zulu (igama lakhe elingatholakalanga). Umbuso umelwe ngu-Advocate Xolani Sindane ogoqe ubufakazi bawo ngoLwesithathu kwabe sekunikwa ithuba ummeli kaDumsile ukuba amhole ngemibuzo ukucacisa okwenzeka.

Ummeli ubembuza egxile ekuhlaziyeni ubufakazi bofakazi, abese befakazile ohlangothini lombuso. UDumsile uqale ngokuveza ukuthi usebe yiphoyisa iminyaka ewu-7 esi-teshini saseNgome. Wathi waboshwa ngoNcwaba (August) wango-2023 futhi ungunina wezingane ezintathu.

“Ngaboshwa ebusuku ngomhla ka-8 kuNcwaba ngisemsebenzini, ngigqoke umfaniswano womsebenzi. Ngokucabangela umfaniswano womsebenzi, ngacela ukuba bangidlulise ekhaya ngiyoshintsha ngaphambi kokuba bayongifaka esitokisini KwaNongoma,” esho.

Ebuzwa ukuthi ngabe uyamazi yini umseshi uthe: “Ngiyamazi futhi sake sathandana esikhathini esiphambili.”

Echaza ngokuthi bahlangana kanjani, uthe: “Ngamcela ukuba angigibelise emotweni yakhe, wacela inombolo yami, ngamnika, sagcina sesithandana. Sathandana isikhathi esi-ngangonyaka nesigamu.”

Ebuzwa ukuthi umazi kanjani uNxumalo uthe: “Ngizocela ukuchaza ngobudlelwano bami noNxumalo. Sasijola, kodwa ngingamthandi, nga-ngiyincenga inhliziyo yami nje ngoba ngangihlomula imali kuyena. Cha yena wayengipha imali.”

Usho la mazwi ebonakala ukuthi uyazincoma.

“Ngangingamfoneli nhlobo ngoba ngangivele ngingamthandi. Uma kwenzekile ngamfonela, kwakuyi ngoba ngidinga imali. Ngingasho nje ukuthi nganginothando lwemali yakhe.”

Usho la mazwi kwezwakala abantu bevungama enkantolo. Ngalesi sikhathi ubungafunga ukuthi uxhunywe kugesi, bekuziphumela nje emlonyeni.

“Benginyamalala eside isikhathi (ngingamthinti), ngibuye ngoba sengixakekile, sengizocela imali,” esho.

Ummeli wakhe umbuze ukuthi kungani bahlukana. Kube yilapho eveze khona ukuthi “ipeni” likaNxumalo “lalingabhali”.

“Ngafikelwa wunembeza ngemuva kokubona ukuthi singiyidle kakhulu imali yakhe, ngase ngithi mangimvakashele kanye nje. Kulapho ngazithela phezu kwendaba enkulu, yokuthi ipeni lakhe kalibhali,” esho.

IJaji uNontuthuzelo Mlaba, limbu-zile ukuthi kuchaza ukuthini ukuthi ipeni kalibhali. UDumsile wathi: “UNxumalo wayengavukelwa! Wakhala ngokuthi unezifo ezingamahlala khona.”

Icala bekulindeleke liqhubeke ngoLwesine, kwenzeka ingwijikhwebu njengoba uDumsile exoshe ummeli wakhe, waqasha omusha uMnu Mondi Qulo. UQulo usezomela abamangalelwa ababili kuleli cala njengoba ebevele emele uButhelezi (uMndeni) ongummangalelwa wesine.

ILANGA lizwe ukuthi empeleni umuntu ababehlose ukumbulala nguMngomezulu ngemuva kokuba muncu kobudlelwano babo, esefuna ukuyokwembesa ingoduso entsha. Zathi uma izinkabi zingamfici uMngomezulu, zafonela uDumsile zimazisa ukuthi akekho, yena (uDumsile) wakhipha umyalelo wokuthi makudutshulwe isalukazi esingugogozala. Icala liyaqhubeka.
hlongwaj@ilanganews.co.za

Ezisematheni

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo...

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

KWAKUYISONTO ngomhlaka 11 kuNhlolanja (February) wango 1990, ngesikhathi uDkt Nelson Mandela, ekhululwa ejele laseVictor Vester, eWestern Cape. Umhlaba wonke wawuchwaza, abantu bethe njo komabonakude, bengakholwa ababekubona ngamehlo abo. Kwasekuphela iminyaka ewu-27,...