Ilanga News
Home 9 Featured 9 Liyakhula igebe lokungalingani eNingizimu Afrika

Liyakhula igebe lokungalingani eNingizimu Afrika

by | 24 March 2026

ISIKHUNGO iSouth African Human Rights Commission (SAHRC), esingumfukameli wamalungelo abantu, sithi kuya ngokwanda ukungalingani kwezinga lempilo phakathi kwezinhlanga ezahlukene eNingizimu Afrika. Iphawule kanje, njengoba bekubungazwa uSuku lwamaLungelo abaNtu (Human Rights Day), ngoMgqibelo ezweni lonke.

Phakathi kwezinto lesi sikhungo esiphawule ngazo, wukwenyuka kwesibalo sabantu abangasebenzi ezweni, ububha nedlala, okukhungethe imiphakathi, izinga eliphezulu lobugebengu, ukuwohloka kwengqalasizinda, ukungahleleki kwezikhungo zezempilo, nezinga elikhulayo lokukhwatshaniswa kwemali, nokuxhashazwa kwezikhungo zikahulumemi.

“Kunabantu abadela impilo yabo, belwela ukuthi leli zwe likhululeke, kodwa isimo senhlalo esikhona, sikhombisa ukuthi umzabalazo wabo, waba yize. Ukugqoza kwentuthuko yikhona okwenza abantu bavimbe imigwaqo, bashise amathayi. Abantu abawu-69, abadutshulwa, babulawa eSharpville, ngomhla ka-21 kuNdasa (March), 1960, kuyadingeka ukuthi bakhunjulwe ngenhlonipho, imiphakathi isetshenzelwe ngabasemagunyeni ngokwethembeka,” kusho isitatimende.

Kusukela ngoMbasa (April) ka-1994, umhla ka-21 kuNdasa, uyiholide lokubungaza amalungelo abantu, eNingizimu Afrika. Ngalo leli langa, ngo-1960, amaphoyisa angesikhathi sobandlululo, adubula, abulala abantu abawu-69, ababemashela ukuphathiswa amapasi elokishini iSharpville, eVaal, kwalimala abantu abawu-180, iningi labo elasala liyizinkubela.

Isibhicongo saseSharpville, sagxekwa ngamazwe omhlaba, iNingizimu Afrika, yazidalela isigcwagcwa. Ngemuva kwalesi sibhicongo, uDkt Hendrik Verwoerd, owayengundunankulu, waseNingizimu Afrka, wavala umlomo izinhlangano ezazilwela inkululeko, okuyi-African National Congress (ANC), nePan Africanist Congress (PAC). 

Ngonyaka olandelayo, ngo-1961, ngoNhlaba (May), wayikhipha iNingizimu Afrika, kwiBritish CommonWealth, wayenza yaba 
yiRepublic.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...