Ilanga News
Home 9 Featured 9 Liyakhula igebe lokungalingani eNingizimu Afrika

Liyakhula igebe lokungalingani eNingizimu Afrika

by | 24 March 2026

ISIKHUNGO iSouth African Human Rights Commission (SAHRC), esingumfukameli wamalungelo abantu, sithi kuya ngokwanda ukungalingani kwezinga lempilo phakathi kwezinhlanga ezahlukene eNingizimu Afrika. Iphawule kanje, njengoba bekubungazwa uSuku lwamaLungelo abaNtu (Human Rights Day), ngoMgqibelo ezweni lonke.

Phakathi kwezinto lesi sikhungo esiphawule ngazo, wukwenyuka kwesibalo sabantu abangasebenzi ezweni, ububha nedlala, okukhungethe imiphakathi, izinga eliphezulu lobugebengu, ukuwohloka kwengqalasizinda, ukungahleleki kwezikhungo zezempilo, nezinga elikhulayo lokukhwatshaniswa kwemali, nokuxhashazwa kwezikhungo zikahulumemi.

“Kunabantu abadela impilo yabo, belwela ukuthi leli zwe likhululeke, kodwa isimo senhlalo esikhona, sikhombisa ukuthi umzabalazo wabo, waba yize. Ukugqoza kwentuthuko yikhona okwenza abantu bavimbe imigwaqo, bashise amathayi. Abantu abawu-69, abadutshulwa, babulawa eSharpville, ngomhla ka-21 kuNdasa (March), 1960, kuyadingeka ukuthi bakhunjulwe ngenhlonipho, imiphakathi isetshenzelwe ngabasemagunyeni ngokwethembeka,” kusho isitatimende.

Kusukela ngoMbasa (April) ka-1994, umhla ka-21 kuNdasa, uyiholide lokubungaza amalungelo abantu, eNingizimu Afrika. Ngalo leli langa, ngo-1960, amaphoyisa angesikhathi sobandlululo, adubula, abulala abantu abawu-69, ababemashela ukuphathiswa amapasi elokishini iSharpville, eVaal, kwalimala abantu abawu-180, iningi labo elasala liyizinkubela.

Isibhicongo saseSharpville, sagxekwa ngamazwe omhlaba, iNingizimu Afrika, yazidalela isigcwagcwa. Ngemuva kwalesi sibhicongo, uDkt Hendrik Verwoerd, owayengundunankulu, waseNingizimu Afrka, wavala umlomo izinhlangano ezazilwela inkululeko, okuyi-African National Congress (ANC), nePan Africanist Congress (PAC). 

Ngonyaka olandelayo, ngo-1961, ngoNhlaba (May), wayikhipha iNingizimu Afrika, kwiBritish CommonWealth, wayenza yaba 
yiRepublic.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...