Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IPick n Pay isingomunye wabaxhasi beSA Rugby

IPick n Pay isingomunye wabaxhasi beSA Rugby

by | 27 March 2025

ZINGENA zilakalanyana izinkampani ezinkulu ekuxhaseni ibhola lombhoxo lakuleli. Namuhla kuvele ezithi iPick n Pay isayine inkontileka yeminyaka emine njengabaxhasi beqembu lesizwe leTier 1 kwiSA Rugby.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuzobonakala uphawu lwale nkampani nemibala esagolide okuzokuba ngemuva kwejezi lamaBhokobhoko nawo wonke amaqembu esizwe.

I-logo yalesi sikhondlakhondla saseNingizimu Afrika izoqala ukubonakala emdlalweni weCathay/HSBC Hong Kong Sevens lapho amaBlitzboks ezobhekana ne-Uruguay ngo-11h56 kusasa ngoLwesihlanu.

Abanye abaxhasi abasanda kungena kwiSA Rugby yibhange iFNB, elethulwe ngoMsombuluko.

Ezisematheni

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...