Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IPick n Pay isingomunye wabaxhasi beSA Rugby

IPick n Pay isingomunye wabaxhasi beSA Rugby

by | 27 March 2025

ZINGENA zilakalanyana izinkampani ezinkulu ekuxhaseni ibhola lombhoxo lakuleli. Namuhla kuvele ezithi iPick n Pay isayine inkontileka yeminyaka emine njengabaxhasi beqembu lesizwe leTier 1 kwiSA Rugby.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuzobonakala uphawu lwale nkampani nemibala esagolide okuzokuba ngemuva kwejezi lamaBhokobhoko nawo wonke amaqembu esizwe.

I-logo yalesi sikhondlakhondla saseNingizimu Afrika izoqala ukubonakala emdlalweni weCathay/HSBC Hong Kong Sevens lapho amaBlitzboks ezobhekana ne-Uruguay ngo-11h56 kusasa ngoLwesihlanu.

Abanye abaxhasi abasanda kungena kwiSA Rugby yibhange iFNB, elethulwe ngoMsombuluko.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...