Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ibhola 9 IPirates inohlelo lokukhalima uMbule

IPirates inohlelo lokukhalima uMbule

by | 9 July 2025


I-ORLANDO Pirates inohlelo lokukhalima uSipho Mbule (osesithombeni) osanda kujoyina le kilabhu ngaphansi komqeqeshi omusha, u-Abdeslam Ouaddou.

UMbule udume ngokwehluleka wukuziphatha ngaphandle kwenkundla, kodwa ibhola uyalikhulumisa uma esensimini.

U-Ouaddou utshele abezindaba ukuthi izandla bazivulile kuMbule uma kunosizo olukhethekile aludingayo ukuzigcina eyingxenye emqoka yale kilabhu ephumele obala ngokugaqela isicoco seBetway Premiership.

Uthe yize emthanda lo mdlali, kepha akayiswanga nguyena kweZimnyama. Uthe zimethusile izindaba zokusayinwa kukaMbule, okukhombise ukuthi ikilabhu ibubonile ubumqoka bokuba nomdlali ofana naye.

“Kumele azibheke ngaso sonke isikhathi, aziphathe kahle. Sizomsiza uma kukhona lapho edingakhona usizo. Empeleni abadlali badinga ukucathuliswa njengoba besakhula. Uma ungumqeqeshi kumele ukwazi nokuzifaka ezicathulweni
zabo, ukuqonda impilo yabo.

“Kumele uma kuphela isizini, bonke abadlali kube khona abakuzuzile ngekilabhu. Nginethemba lokuthi uMbule uzokwazi ukusisiza ukufeza izinhloso zekilabhu,” esho.

Uthe uzolwela ukunqoba izicoco ngoba kakwamukelekile ukuba ngumqeqeshi oyife-isha ekilabhini enkulu njengeBucs.

“Abalandeli bazobona iPirates entsha, elwela ukunqoba zikhathi zonke nxa isenkundleni,” kusho lo mqeqeshi waseMorocco.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...