Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IPSL ibhonga emswaneni ngobengusihlalo weNSL

IPSL ibhonga emswaneni ngobengusihlalo weNSL

by | 20 March 2025


IPremier Soccer League (PSL) ibuhlungu ngokudlula emhlabeni kobenguSihlalo weNational Soccer League (NSL), u-Ashwin Trikamjee.


Esitatimendeni esikhishwe yiPSL uchazwe njengoSihlalo wangaphambili weSouth African Soccer Federation, owabamba iqhaza elibalulekile ekuhlanganisweni kwezinhlangano ezahlukene zebhola kanye namaligi eNingizimu Afrika ngesikhathi sobandlululo.

“Uphinde waba yingxenye yethimba ebelihambele izingxoxo zobumbano eLusaka. Ubengumqondisi webhola okhaliphile, ozinikele, futhi obalulekile, u-Trikamjee unikeze lo mdlalo okuhlukile.
I-PSL idlulisa amazwi enduduzo emndenini ngokulahlekelwa kwayo futhi idlulisa amazwi enduduzo kubo ngokuphila kahle, nesisebenzi esithembekile sezwe,” kusho isitatimende.


Ithe kuzoba nomzuzwana wokuthula kuhlonishwe uTrikamjee kuyona yonke imidlalo yeDStv Diski Challenge (DDC) kule mpelasonto. Umphefumulo wakhe mawulale ngokuthula. HAMBA KAHLE!!!!!!

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...