Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IPSL ibhonga emswaneni ngobengusihlalo weNSL

IPSL ibhonga emswaneni ngobengusihlalo weNSL

by | 20 March 2025


IPremier Soccer League (PSL) ibuhlungu ngokudlula emhlabeni kobenguSihlalo weNational Soccer League (NSL), u-Ashwin Trikamjee.


Esitatimendeni esikhishwe yiPSL uchazwe njengoSihlalo wangaphambili weSouth African Soccer Federation, owabamba iqhaza elibalulekile ekuhlanganisweni kwezinhlangano ezahlukene zebhola kanye namaligi eNingizimu Afrika ngesikhathi sobandlululo.

“Uphinde waba yingxenye yethimba ebelihambele izingxoxo zobumbano eLusaka. Ubengumqondisi webhola okhaliphile, ozinikele, futhi obalulekile, u-Trikamjee unikeze lo mdlalo okuhlukile.
I-PSL idlulisa amazwi enduduzo emndenini ngokulahlekelwa kwayo futhi idlulisa amazwi enduduzo kubo ngokuphila kahle, nesisebenzi esithembekile sezwe,” kusho isitatimende.


Ithe kuzoba nomzuzwana wokuthula kuhlonishwe uTrikamjee kuyona yonke imidlalo yeDStv Diski Challenge (DDC) kule mpelasonto. Umphefumulo wakhe mawulale ngokuthula. HAMBA KAHLE!!!!!!

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...