Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 OwoSuthu weshelwa nguRulani Mokwena oseqashwe e-Algeria

OwoSuthu weshelwa nguRulani Mokwena oseqashwe e-Algeria

by | 14 July 2025

ANGASE alahlekelwe ngumqeqeshi AmaZulu okuthiwa ufunwa nguRulani Mokwena owethulwe ngeSonto njengomqeqeshi omusha weMC Alger yase-Algeria.

ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi uSuthu lungase lulahlekelwe nguWendell Robinson ongumqeqeshi wonozinti.

Kuthiwa uMokwena ufake uRobinson ethimbeni lakhe azosebenza nalo kule kilabhu.

Kuthiwa uMokwena kudala aqala ukukhuluma noRobinson.

URobinson ujoyine uSuthu maphakathi nesizini edlule emva kokushiya kwiMamelodi Sundowns abesehlale iminyaka kuyona.
Ungene endaweni ka-Aubrey Vilakazi osulile.

Kuthiwa uSuthu uma lulahlekelwa yilo mqeqeshi luyobe lushayekile njengoba kuthiwa unolwazi olunzulu ngebhola enjalo nje kuthiwa akancethezi, into uyibeka injengoba injalo, unomgogodla.

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...