Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 Kwexwayiswa ngamathikithi omgunyathi eHollywoodbets Durban 10k

Kwexwayiswa ngamathikithi omgunyathi eHollywoodbets Durban 10k

by | 2 July 2025

IHOLLYWOOD Athletics Club ixwayisa abasubathi ngamathikithi omgunyathi okungenela umjaho wayo, iHollywoodbets Durban 10km ezokuba mhla ka-31 kuNcwaba (August) eThekwini.


Kuthiwa kunemingenelo etholakala online engumbhombayi yalo mjaho. Kuthiwa abagijimi abafuna ukuwungenela kumele bathenge amathikithi ezitolo zakwaPick n Pay ezweni lonke nasezikhungweni zakwaWebtickets.

Abanenkinga bangaxhumana neHollywood AC ukuze bathole yonke imininingwane ngokungenela lo mjaho ongeminye yekhokha imali econsisa amathe kwi-10km. Izingqwele zalo mjaho zizohlomula ngo-R37 500, okuyi-10km ekhokha kakhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika.

Abadidiyeli balo mjaho kulindeleke ukuba bathule ngokusemthethweni umjaho walo nyaka kuleli sonto elizokwethwasa eThekwini. Lo mjaho usukhule waze wazala omunye umlenze wawo oseGoli, ozokuba emasontweni amabili ngemuva kowaseThekwini.

Abafuna ukungenela lo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.webtickets.co.za noma ekhasini leHollywood Athletics Club kuFacebook.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...