Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 Kwexwayiswa ngamathikithi omgunyathi eHollywoodbets Durban 10k

Kwexwayiswa ngamathikithi omgunyathi eHollywoodbets Durban 10k

by | 2 July 2025

IHOLLYWOOD Athletics Club ixwayisa abasubathi ngamathikithi omgunyathi okungenela umjaho wayo, iHollywoodbets Durban 10km ezokuba mhla ka-31 kuNcwaba (August) eThekwini.


Kuthiwa kunemingenelo etholakala online engumbhombayi yalo mjaho. Kuthiwa abagijimi abafuna ukuwungenela kumele bathenge amathikithi ezitolo zakwaPick n Pay ezweni lonke nasezikhungweni zakwaWebtickets.

Abanenkinga bangaxhumana neHollywood AC ukuze bathole yonke imininingwane ngokungenela lo mjaho ongeminye yekhokha imali econsisa amathe kwi-10km. Izingqwele zalo mjaho zizohlomula ngo-R37 500, okuyi-10km ekhokha kakhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika.

Abadidiyeli balo mjaho kulindeleke ukuba bathule ngokusemthethweni umjaho walo nyaka kuleli sonto elizokwethwasa eThekwini. Lo mjaho usukhule waze wazala omunye umlenze wawo oseGoli, ozokuba emasontweni amabili ngemuva kowaseThekwini.

Abafuna ukungenela lo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.webtickets.co.za noma ekhasini leHollywood Athletics Club kuFacebook.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...