Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ungqongqoshe uhalalisele uklonyeliswe ngesikaMrs World

Ungqongqoshe uhalalisele uklonyeliswe ngesikaMrs World

by | 3 February 2025

UNGQONGQOSHE wezabeSifazane, Intsha nabantu abaphila nokuKhubazeka ehhovisi likaMengameli uNkk Sindisiwe Chikunga uhalalise uNkk Tshepo Gaelae ohlabane nesicoco sokuba nguMrs World 2025.

UNkk Gaelae ehlabane nalesi sicoco emcimbini obuseLas Vegas e-USA ngoLwesihlanu.

Uhlule uNkk Ishadi Amanda waseSri Lanka noNkk Poly Panperm waseThailand abese ebhekene nabo kwi-top 3.

UNkk Chikunga uthe bayaziqhenya ngokuba nowaseNingizimu Afrika onqoba lesi sicoco somhlaba.

Uqhube ngokuthi ukunqoba kukaNkk Gaelae lesi sicoco kufika ngesikhathi lapho iNingizimu Afrika iqhubeka nokulwela ukulingana kobulili ezikhundleni zokuphatha.

Uthe umnyango wakhe uzoqhubeka nokuba ngoshampeni ukuvulela abesifazane nezingane zamantombazane amathuba ezindaweni lapho abebengeke bakwazi ukungena kuzona ngenxa yobulili babo.

Uthe ukunqoba kukaNkk Gaelae kuzokhuthaza kuphinde kugqugquzele amantombazane asakhula ukuze abone ukuthi nawo angakwazi ukunqoba emhlabeni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...