Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ungqongqoshe uhalalisele uklonyeliswe ngesikaMrs World

Ungqongqoshe uhalalisele uklonyeliswe ngesikaMrs World

by | 3 February 2025

UNGQONGQOSHE wezabeSifazane, Intsha nabantu abaphila nokuKhubazeka ehhovisi likaMengameli uNkk Sindisiwe Chikunga uhalalise uNkk Tshepo Gaelae ohlabane nesicoco sokuba nguMrs World 2025.

UNkk Gaelae ehlabane nalesi sicoco emcimbini obuseLas Vegas e-USA ngoLwesihlanu.

Uhlule uNkk Ishadi Amanda waseSri Lanka noNkk Poly Panperm waseThailand abese ebhekene nabo kwi-top 3.

UNkk Chikunga uthe bayaziqhenya ngokuba nowaseNingizimu Afrika onqoba lesi sicoco somhlaba.

Uqhube ngokuthi ukunqoba kukaNkk Gaelae lesi sicoco kufika ngesikhathi lapho iNingizimu Afrika iqhubeka nokulwela ukulingana kobulili ezikhundleni zokuphatha.

Uthe umnyango wakhe uzoqhubeka nokuba ngoshampeni ukuvulela abesifazane nezingane zamantombazane amathuba ezindaweni lapho abebengeke bakwazi ukungena kuzona ngenxa yobulili babo.

Uthe ukunqoba kukaNkk Gaelae kuzokhuthaza kuphinde kugqugquzele amantombazane asakhula ukuze abone ukuthi nawo angakwazi ukunqoba emhlabeni.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...