Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Osindile ubalisa ngobuhlungu bebona ozakwabo bemuka nemoto

Osindile ubalisa ngobuhlungu bebona ozakwabo bemuka nemoto

by | 11 March 2026

ISAPHITHENE amakhanda imindeni yabayisithupha baseMabovini, eMsinga ngemuva kwesigameko sokumuka nomfula kwamalungu ayo, aphoseke nemoto emfuleni ebuya emsebenzini, esenezinsuku eziyisikhombisa eqashiwe epulazini eKranskop.

Kulesi sigameko esenzeke ngoLwesine ebusuku, kushone nowesifazane obezithwele, ngokusho komyeni wakhe. ILANGA  elizifikele mathupha endaweni yesigameko, lifice umphakathi ubuthene eduze komfula uThukela, kukhona nesidumbu ebesimbozwe ngengubo eduze kwawo, nokuvele ukuthi ngesomunye wesifazane kwabamuke nomfula. 

Abamukile nguNkz Nokwazi Ndlovu (28) obekhulelwe, nguNkz Gcinephi Chonco (43), nguNkz Zondekile Gumbi (48) obeyisangoma, nguMnu Mzwakhe Mdlalose (engatholakalanga iminyaka yakhe) okuqinisekisiwe ukuthi bashonile. Bese kuba nguMnu Sphamandla Ngobese (38) noMnu Nko-sinathi Msweli (42), okushaye isikhathi sokushicilela besathungathwa.

Kuthiwa bayisithupha abamuke nomfula iMfenebude, ephakela umfula iNadi bese iyongena oThukela. Kwabayisithupha abamukile kusatholakele abane abesebeshonile, ababili basathungathwa njengoba umphakathi wehla wenyuka nomfula. Abamukile ngabasezigodini ezimbili, okuyiNdaya nePhaku kuWard-12, naku-Ward 13.

Elandisa ILANGA uMnu Funakuphi Ndlovu (41) osinde kulesi sigameko, uthe bebeyishumi emotweni eyiveni ngesikhathi igugulwa wumfula ngabo 7 ebusuku ngoLwesine.

“Abakwaze ukuphuma ngesi-khathi imoto imuka nomfula, kube yimina newele lami uSabelo nomshayeli ubaba uMfanafuthi Ndlovu nobehleli eduze kwakhe, kwasala udadewethu omncane uNokwazi Ndlovu (28) nabanye abahlanu. Sizwe imoto isintanta emoyeni ngesikhathi iwela ibhuloho, ngavula isicabha esingemuva ngagxumela emanzini, newele lami langilandela. Siphuthume komunye umuzi oseduze, sabiza uSifiso Nsimangwe wakhona, sicela usizo. 

“Sithe uma siphindela emfuleni sabona imoto isiyosithela ekhoneni lomfula. Sizamile ukugijima siya khona sahlangana nomshayeli ubaba uNdlovu nobehleli edu-ze kwakhe, okuyilapho sibone khona ukuthi basindile. Sijahe imoto sayifica isimile ekhoneni lomfula ingasenatende futhi kungasekho muntu kuyona. Okungiphathe kabuhlungu kakhulu ukuzwa omunye ongakwazanga ukuphuma ekhala, emuka nam-nzi,” kusho uNdlovu.

Imoto isale emfuleni igaxele ematsheni namanje ihleli khona. Bonke abashonile batholakale ezindaweni eziqhelelene begaxele ematsheni nasezihlahleni emfuleni iNadi. Umyeni kaNkz Nokwazi Ndlovu, uMnu Mandlenkosi Malinga, uthe ingoduso yakhe imshiye nezingane ezimbili okuyintombaza-ne (05) nomfana (02), kanti bebesanda kuthola ukuthi ikhulelwe ingane yesithathu. 

Uthe ubone ngesiphika sesikibha sengoduso yakhe asithole sivele esihlabathini ukuthi mancane amathuba okuthi isaphila. Umfula obamukisile kuthiwa uhlala ungenamanzi kodwa abekhona ngesikhathi lina ngoLwesine. ILANGA lifike ngoMgqibelo usuwomile kungathi sekunesikhathi kwagcina ukuhamba amanzi kuwona.

IMeya yaseMsinga, uDkt Felinkosi Sikhakhane, ithe basahlela usizo abangalunika imindeni eshonelwe, kuyona yonke kuvela ukuthi akekho osebenzayo, aba-shonile bebesanda kuthola umsebenzi. Bonke kuthiwa bebeqashwe epulazini elilodwa ngosuku olufanayo. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...