Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ISadtu ivivela ukuya enkantolo ikhala “ngobugebengu” boMnyango wezeMfundo

ISadtu ivivela ukuya enkantolo ikhala “ngobugebengu” boMnyango wezeMfundo

by | 15 November 2024

MTHOBISI SITHOLE

IZWAKALISE ukuthi isikhathele “wubugebengu” boMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal Sadtu kulesi sifundazwe, ethi izoluphonsa enkantolo udaba lokungakhokhelwa kwezikole imali yezinsiza-kusebenza. Lokhu kuvezwe ngunobhala wale nyunyana kulesi sifundazwe, uNkz Nomarashiya Caluza ngoLwesibili. 

Uthe izikole zidonsa kanzima, zikweletwa imali eshisiwe. Utshele ILANGA ukuthi kunezikole ezingakakhokhelwa namanje imali yezinsiza-kusebenza yanyakenye. Uthe selokhu kuqalwe ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka, abanye othishanhloko bacela kosomabhizinisi iminikelo yamaphepha okugaya ukuze abantwana babhale. “Kasikwazi ukuvumela into enjalo ekubeni kuwumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa kuqhubeka ngendlela efanele ezikoleni,” kusho uNkz Caluza.

Uthe ngokwesabelo somfundi ngamunye eMnyangweni wezeMfundo – kuzwelonke – wabelwa u-R1 602, kodwa KwaZulu-Natal, iyancishiswa abelwe u-R955. “Sifuna ubulungiswa, izikole mazinikwe imali yazo ukuze kusebenzeke. Yingakho silwa nongqongqoshe wezemfundo eyisisekelo – singamshiyi ngaphandle – (USiviwe Gwarube) ngoba ukushoda kwemali esifundazweni, kuthinta nozwelonke,” esho.

Phakathi kwezinto iSadtu ekhala ngazo, wukungakhokhwa “kukachatha’ (pay progession), okuyimali eyengeziwe efakelwa othisha abenze kahle umsebenzi ezifundweni abazifundisayo nodaba lothisha bakwaGrade R. Uthe bawunqumela umnyango ugwayi katiki, kufanele kuvalwe izikole kulo nyaka seyikhokhwe yonke imali ekweletwa othisha nezikole. UMnu Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe udaba lwemali luyaxoxwa nomgcinimafa ezingeni likazwe-lonke.

mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...