Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Mabathweswe awokubulala abadala izingozi bedakiwe emigwaqweni’

‘Mabathweswe awokubulala abadala izingozi bedakiwe emigwaqweni’

by | 31 March 2026

KUMELE bathweswe amacala okubulala okuhleliwe (murder), abashayeli bezimoto abadala izingozi ezidlula nemiphefumulo eNingizimu Afrika. Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezokuThutha, uNkk Barbara Creecy, ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni weNational Development and Labour Council, ePretoria, ngoLwesihlanu. 

UNkk Creecy uthe kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi iconsi likatshwala emzimbeni, linomthelela endleleleni umuntu aziphatha, nacabanga ngayo. Uthi engxoxweni ayenayo noNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi, wamtshela ukuthi cishe iningi labantu abaphuthunyiswa ezibhedlela emuva kokuba sezingozini bedle amanzi amponjwana, basuke beqe ngaphezulu kakhulu kwesibalo esivumelekile. 

Ungqongqoshe uthe noma ngubani ophuza utshwala, angene emotweni ashayele, adale ingozi ekhipha umphefumulo, kumele athweswe icala lokubulala. Ungqongqoshe ukhuluma kanjena nje, kule mpelasonto kubhekwe emaholidini ePhasika, kanti ngeledlule wethule umkhankaso wezokuphepha emigwaqweni. 

NoMnyango wezokuThutha Kwa-Zulu Natal, wethule owawo wesifundazwe, ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi, Nenzani La Ezweni. UNgqongqoshe walo mnyango esifundazweni, uMnu Siboniso Duma uthe amaphoyisa awu-3483 azogcwala imigwaqo eyahlukene, ukuqinisekisa ukuhlonishwa kwemithetho yomgwaqo. 

UDuma uthe ngaphansi kwalolu hlelo, amaphoyisa azosebenza ubusuku nemini, izinsuku eziyisikhombisa kuze kushaye umhla ka-3 kuNhlaba (May) nonyaka. Uthe kula maholide ePhasika, bahlela ukwehlisa isibalo sezingozi ngamaphesenti ayishumi. 

Imizamo yokuthola uSihlalo weKomidi lezokuThutha ePhalamende uMnu Selelo Selamolela ngalesi siphakamiso sikaNkk Creecy, iphunzile, izingcingo zikanobhala walo, bezikhala zingabanjwa. 

• Khonamanjalo inhlangano iSouth Africans Against Drunk Driving, icashunwe emithonjeni yabezindaba ithi ukuthwesa umshayeli odale ingozi ephuze utshwala, icala lokubulala okuhleliwe, kungenza kube nzima ukuqhamuka nobufakazi enkantolo. UNkz Cora Smit wale nhlangano, ucashunwe kwi-East Coast Radio ethi kunalokho, kumele kuqiniswe isigwebo kulaba bashayeli.  

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...