
AZOLONDOLOZWA ezindlini zawo zokugcina eMakhonyeni, eJozini, amalungu omndeni wakwaNhlebela adlule emhlabeni ngenyanga eyedlule.
Sashiya abaningi bemangele isigameko okusolakala ukuthi senziwa nguMnu Richard Nhlebela, okwasabalala izinkulumo eziqoshiwe ayanyaniswa nazo lapho kwakuzwakala izwi lowesilisa ekhala, evalelisa, ethi yena nezingane zakhe angeke baphinde babonakale emhlabeni.
Lesi sigameko senzeka eNigel, ngaseSprings, eGauteng, ngomhla ka-10 kuNcwaba (August) kophezulu. Kwashona uMnu Richard Nhlebela nezingane zakhe uLwazi, uPhilasande no-Amanda. Izinsalela zezidumbu zabo zatholakala endlini, zinamanxeba okudutshulwa, zathungelwa ngomlilo. Kwashiswa nomuzi nezimoto zomndeni.
Kwasinda eyodwa ingane uyintombazane okuthiwa yayisemsebenzini ngenkathi kwenzeka isigameko.
UMnu Nkosinathi Nhlebela, ongumshana kamufi, utshele ILANGA ukuthi bekusabambe ukuhlolwa kolibofuzo kwezinsalela zabafi.
“Amaphoyisa asinikile imvume uzokwenza amalungiselelo omngcwabo kamalume nezingane zakhe. Bazongcwatshwa emathuneni alapha ekhaya eMakhonyeni,” kusho uNhlebela.







