Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Isalukazi esazi uMqaliwendlela ngamehlo

Isalukazi esazi uMqaliwendlela ngamehlo

by | 12 December 2024

MENZI JELE

Endaweni yaseMfekayi, eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yaKwaZulu-Natal, kunesimanga sesalukazi. Le ntombi endala, ayizazi iminyaka yayo, kodwa yevile ku-100, uma ulandela izigameko nezehlakalo ezibonile empilweni, uqhathanise neminyaka ezenzeka ngayo. Cishe nguyena yedwa umuntu osaphila emhlabeni, owazi uMqaliwendlela, uMphrofethi u-Isaaih Mudlwamfa Shembe (uMqaliwendlela).


Le ntombi endala nguNkk. Zulile Dube (uMaMbuyazi), udume iMfekayi yonke, njengoba aziwa ngelikaMvangeli uDube. YiNazaretha lokuzalwa leli, lithi lambona uMqaliwendlela (uShembe wokuqala) liseyitshitshi, lihlosa amabele. UShembe esungula leliBandla, njengoba afika eNatali ngo-1910, evela eNtabazwe, (eHarrismith), wayehamba izwe lonke eshumayela, andisa iNkolo yobuNazaretha. Ngesikhathi kufika uShembe, eMtubatuba (KwaMpukunyoni) ugogo uDube wayeyijongosi, ehlosa amabele. Ngaleso sikhathi wayeyiNkosazana. UMqaliwendlela, udlule emhlabeni ngo-1935, ugogo uDube kuthiwa wayengakabi nguMvangeli ngaleso sikhathi.

Kuthe amaNazaretha eseholwa yiNkosi uJohannes Galile Shembe (iLanga), ugogo uDube, esenguZulile Mbuyazi eyiNnkosazana, wagana uMnu. uFanie Dube, (iNhlalisuthi), edlule emhlabeni ngo-1985.
Kuthiwa kwakuyisikhathi amaNazaretha eholwa yiNkosi uJG Shembe (iLanga), lapho ugogo uDube egcotshwa wabanguMvangeli.
Ugogo uDube, kuthiwa nguyena obehola iNgudlungudlu (abesifazane esebeganile), eThempelini eSibongiseni, khona eMfekayi. Indodakazi yakhe encane, ithi ngesikhathi amaNazaretha eya eSwazini, eseholwa yiNkosi u-Amos Khula Shembe (iNyangayezulu), naye uMvangeli uDube, waya eSwazini, ehola umgido weNgudlungudlu. Njalo uma kuyiwa entabeni eNgcwele, iNhlangakazi, ubengasali, esuka ethempelini iSibongiseni, eMfakayi, eliphethwe nguMfundisi uMlungwana, njengamanje.


Ngenxa yokuba buthakathaka empilweni, ugogo uDube, usesinike omunye isikhundla sokuba nguMvangeli, kodwa bathi usaya enkonzweni ngoba kusontelwa egcekeni lakwakhe.
Amakhosi amaNazaretha ugogo uDube asebenze ngaphansi kwawo uMqaliwedlela, ambona eseyitshitshi, iNkosi iLanga (uJohannes Galile Shembe), iNkosi iNyangayezulu (u-Amos Khula Shembe) iNkosi uThingolwenkosazana (uMbusi Vimbeni Shembe). Ugogo uDube, usaphila namanje ngaphansi kobuholi baseBuhleni, beNkosi uNyazilwezulu (uMduduzi Shembe).
Sithe sifika eMfekayi ngoLwesihlanu, siyithimba leLANGA, sabuza umuzi onesalukazi esidala. “Wo! nifuna kwaMvangeli uDube.” basho abafana esibathole emgwaqweni, besilayela.

UMvangeli uDube, asimbuzanga sifika ngemoto sipaka egcekeni, ngoba simthole ehlezi phansi kwesihlahla zikamango. “NginguZulile Dube…uMaMbuyazi”. Yikhona kodwa-ke lokhu osakwazi ukukusho. Ezinganeni zakhe eziwu-7, uNkulunkulu ayembusise ngazo zimbili ezisaphila, ngamantombazane aseganile. Abazukulu esibathole bebhuza egcekeni, bathe bawu 46, sebebonke nabazukulwana. UMvangeli uDube uyabona emehlweni, uyezwa ezindlebeni, ukhuluma kancane, usahamba ngenduku, uyadondolozela uma ehamba.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...