Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kudlule emhlabeni ilungu le-IFP eliqavile, uMfayela

Kudlule emhlabeni ilungu le-IFP eliqavile, uMfayela

by | 18 February 2025

BHEKI NDLOVANA

UZIKHOTHA amanxeba umndeni kaMnu Senzo Mfayela (63) obengusopolitiki owaziwayo njengoba ubeyilungu eliqavile leNkatha Freedom Party (IFP), odlule emhlabeni ngeSonto ekuseni.

Umphefumulo kaMnu Mfayela waseNdwedwe, uphumele esibhedlela lapho ebelashwa khona emuva kokuxinwa wukugula ebesekunesikhathi ehamba nakho. UMnu Mfayela ubeyilungu loMkhandlu kaZwelonke (National Council) we-IFP, kanti futhi ubengusomabhizinisi owaziwayo.

Umnewabo omncane, uMnu Zwelisha Mfayela, uthi umphefumulo kamnewabo uphumele phambi kwabo bengamalungu omndeni, benaye esibhedlela.
Elandisa ILANGA uthi ngaphambi kokuba ashone umnewabo, umndeni ubiziwe esibhedlela khona izolo ngeSonto.
“Basichazelile ukuthi bona ngokwabo bakwenze konke abebengakuzama, kodwa umzimba awusemukeli abebezame ukukwenza,” kusho uMnu Mfayela.

Uthi babachazelile ukuthi sekuyoba wumzuzu nehora – nebala wafika lowo mzuzu onzima, kwamenela ukufa. Nakuba ebehamba nakho ukugula uMnu Mfayela, kodwa umnewabo uthi kumqinise kakhulu emasontweni amathathu edlule.
“Kubuhlungu, akwemukeleki. Silimele kakhulu,” kusho uMnu Mfayela.
Umtusa ngokuthi ubengumuntu obekwazi ukulalela ngisho ingane encane.

  • Ubenesiphiso sokuzalwa, esebenza ngokuzikhandla

Uchaze umnewabo njengomuntu obenesiphiwo esimangalisayo sokwenza izinto zenzeke.
“Ubenesiphiwo sokuzalwa. Bekuthi uma ethinta into iphenduke igolide,” kusho uMnu Mfayela.
Uthi umfowabo ubengumuntu obesebenza ngokuzikhandla, futhi ezinikela emsebenzi awenzayo, kangangokuba bekuthi noma bethi makaphumule ngenxa yokuxinwa wukugula anqabe ubekholelwa wukuthi isosha lifela emsebenzini walo.

“Bekuye kuthi noma sithi akaphumule, athi ‘akeningitshele ukuthi ngubani owaduma ngokulala’,” kusho uMnu Mfayela, echaza umfowabo.
UMnu Mfayela ushona nje, ubenguMqondisi omkhulu wenkampani iMandla Matla Publishing, engumnikazi nomshicileli wephephandaba ILANGA. Ubephinde abe yiChief Executive Officer yePrince Mangosuthu Buthelezi Foundation. Ubegxile nakwamanye amabhizinisi okubalwa kuwo nenkampani yakhe yokwakha abebambisene kuyo nozakwabo.

  • Ushiye inkosikazi nezingane

UMnu Mfayele owazalwa ngomhla ka-23 kuLwezi (November) ngo-1961, ushiye emhlabeni inkosikazi yakhe uNkk Nosisa “MaManci” Mfayela, nabantwana babi abawu-6. Ushiye nezingane zakwabo ezintathu esiswini sikanina.
Uyise kwakunguMnu Dingizwe Phineas Mfayela, naye ongasekho emhlabeni.
Amalungiselelo omngcwabo abengakaphothulwa ngesikhathi sokuloba lapha.

UMnu Blessed Gwala onguSihlalo we-IFP kuzwelonke, futhi onguSotswebhu oMkhulu wesiShayamthetho KwaZulu-Natal, ephawula ngokwedlula emhlabeni kukaMnu Mfayela uthe: “Enye yezinsika zeNkatha iwile. Iwa nje akukapholi amanxeba e-IFP ngokuhamba kukamfowabo (uMfayela) uSenzo, naye owahamba ngokukhulu ukuzuma,” kusho uMnu Gwala.

Uqhube wathi basebenze kahle kakhulu noMnu Mfayela owake waba yilungu lephalamende likazwelonke.
“Sizwelana kakhulu nomndeni wakwaMfayela. Sizwelana kakhulu noMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa.

UMnu Gwala ubalule ukuthi ukudlula emhlabeni kukaMnu Mfayela kwenzeka ngesikhathi i-IFP iviliyela, igubha iminyaka ewu-50 yasungulwa. Uphethe ngokuthi nakuba kubuhlungu kodwa uma isikhathi sokuhamba komuntu sesifikile, kusuke sekufanele labo abasele baduduzane.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...