Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ISantaco iyaziqhelelanisa nokwehliswa kwabantu ezimotweni ezincane

ISantaco iyaziqhelelanisa nokwehliswa kwabantu ezimotweni ezincane

by | 17 August 2025


INHLANGANO yamatekisi iyaziqhelelanisa nemibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana, yokuthi abantu kabasavumelekile ukugibelisa amalungu emindeni ezimotweni zabo.

Lokhu kulandela imibhalo esabalele ethi sekunomgomo othi uma unemoto, kakumele uhambe nabantu abangaphezulu kwababili. Kule mibhalo kuvele nokuthi uma ugibelise abantu abangaphezulu kwababili, ngisho nezingane zakho, kumele zehliswe zigibele amatekisi.

I-South African National Taxi Association Council (Santaco) iveze ukuthi kawukho umgomo obekiwe onjalo, yexwayisa nabantu ukungabhebhethekisi izinkulumo ezingelona iqiniso ezinkundleni zokuxhumana.

UMnu Sfiso Shangase, wehhovisini likaSantaco KwaZulu-Natal, uthe yize beke bazizwa izinkulumo ezinjengalezo, kodwa osuke enza lokho usuke ephula umthetho. Uveze ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuhamba ngesithuthi asikhethile.

“Into esilwisana nayo ukuthi umuntu athenge imoto agibeze abantu ngoba efuna ukwenza inzuzo. Kasivumelani nokuthi umuntu akhokhise abantu emotweni ngoba kusuke sekusho ukuthi idinga amaphepha okusebenza uma enza lokho, njengoba nathi embobini sinawo.

“Akukho emthethweni ukuthi umuntu uma egibeze umndeni wakhe emotweni, sekumele wehliswe ngoba nathi sisembonini siyayigibeza imindeni yethu ezimotweni zethu,” esho.

Uthi yize engeke aphike noma avume ukuthi embonini bakhona abenza lokho, kodwa akuvumelekile.

“Njengoba sibheke okhethweni lobuholi obusha, ziningi izinto ezingelona iqiniso ezivele zisabalale. Uma kukhona abazithola bebhekana nale nkinga, siyacela ukuba baye ehhovisi lalowo soseshini, babike khona. Uma bengasizakali, sicela ukuba badlulele ehhovisi lesifunda.

“Kodwa-ke uma nalapho bengalutholi usizo, sebengadlulela ehhovisi likaSantaco esifundazweni ukuze udaba luzolandelelwa. Wonke umuntu unelungelo lokuthenga imoto ezomyisa lapho efuna ukuya khona, inqobo uma engeke akhokhise abantu ngoba uyobe esephula umthetho,” esho

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...