Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Isematheni eyama-cryptocurrencies

Isematheni eyama-cryptocurrencies

by | 12 January 2025

Siboniso Mtshali

ISEMATHENI kulezi zinsuku eyama-cryptocurrencies njengoba ekhombisa ukusimama ngemuva kokukhethwa kukaMengameli omusha waseMelika uMnu Donald Trump, ozogcotshwa ngokusemthethweni ngoMsombuluko womhlaka 20 kule nyanga.

Okujabulisayo wukuthi icryptocurrency isiyalawulwa ngaphansi kwezinhlelo zeFinancial Services Conduct Authority (FSCA) kuleli zwe ngokwesigaba sama-broker ukuze kuvikeleke izakhamuzi zakulelizwe ngenxa yokuthi abantu bebelahlekelwa yimali yabo kakhulu njengoba ibingalawulwa.

Okwesibili osekunika icryptocurrency isithunzi wukuthi nehhovisi lomqoqi wentela kuleli iSouth African Revenue Services (SARS) uyibheke ngamehlo abomvu intela okumele ikhokhwe ngabantu abatshala baphinde bahwebe nge-cryptocurrency ekhombisa ukusimama okwamanje.

Kujwayelekile ukuthi njalo ngemuva kweminyaka emine kwenzeke uhlelo olubizwa ngokuthi yi-Halving endimeni yobuchwepheshe be-bitcoin, okungenye yezimali zobuchwepheshe be-icryptocurrency.

Njengoba uhlelo lobuchwepheshe bama-cryptocurrencies baqala ukusebenza ngo-2008, kusukela lapho, njalo ngemuva kweminyaka emine kwenziwa le nto esiyibiza ngokuthi yi-bitcoin halving, lapho kusuke kuncishiswa khona imihlomulo etholwa ngabantu abenza uhlelo lokuprosesa imali yabathengayo kanye nabathengisayo (transactions) olubizwa ngokuthi yi-crypto mining.

Ukuhhafulwa kwemihlomulo kwenzeka njalo ngemuva kweminya emine njengoba kwaqala ngonyaka ka-2012 kanti ngemuva kwalokho lakhula kakhulu inani lama-crypto, kanti ayekade embalwa phambilini.
Kwaphinda futhi ngo-2016 kwancishiswa imihlomulo, nokwenza ukuthi ngonyaka olandelayo yaphinde yakhula kakhulu le mboni.

Ngo-2020 kwenzeka okufanayo saphinde sabona amanani ekhula kakhulu ngonyaka owalandela (2021). Kwenzekile futhi nangonyaka odlule yancishiswa imihlomulo, okwenza ukuba kulindeleke ukuthi nakulo nyaka lezi zimakethe zizophakama njengoba ziqalile ngoNovember wonyaka odlule.

Maningi amathuba okuthi isangaphakama kancane nakulo nyaka njengoba kuhlezi kwenzeka njalo uma bekuhhafulwa imihlomulo. Abantu kumele bakhumbule ukuthi namathuba okulahlekelwa yimali maningi ngoba ukunyakaza kwezimakethe zakulo mkhakha kunenzuzo kanye nobungozi.

Ukuze izinto zakho zikuhambele kahle kumele usebenzise izinkundla ezibhalisiwe ngokusemthethweni njengo-Luno, Valr kanye no-Altcointrader ukwenza nje isibonelo. Ungavumeli abantu abakuthinta ezinkundleni zokuxhumana bakukhohlise ngokuthi faka imali kubona bazokwenzela ngoba ngamaqola lawo.

Phakathi kwama-coins asabiza kahle engicabanga ukuthi asenethuba lokukhula kakhulu ngingabala i-XRP Ripple yona engubuchwepheshe bokudlulisa imali njengo-Mastercard noma i-Visa, kube yi-Cardano (ADA), kulandele i-Tron (TRX), kube yi-Polygon Matic, Algorand, Stellar (XLM), Dogecoin, Pepe, Bonk, Shiba Inu ukubala nje ambalwa kulawa ashibhile noma abiza ngaphansi kuka-R50.

Uma unothando lokutshala kule mboni kumele uthole izaluleko, izifundo kanye nocwaningo kuqala ngaphambi kokuba uzibandakanye nalomkhakha wemali yobuchwepheshe (digital currencies).

USiboniso Mtshali ungusomabhizinisi ongumaluleki wezimali osemthethweni (FSP49257), nogunyaziwe ukusiza abasezikweletini (NCRDC3326) nokudayiswa nokuthengiswa kemizi (FFC: 1197883) kanye nokwakha izindlu (NHBRC3000286136). Email: sboniso@sbonisomtshali.com. WhatsApp: 0782108384.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...