Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 KUBUNGAZWE IMINYAKA EWU-162 YEBHANGE I-STANDARD BANK

KUBUNGAZWE IMINYAKA EWU-162 YEBHANGE I-STANDARD BANK

by | 27 November 2024

PHUMLANI GAMA

SIZWAKALISE ukuba nethemba ngokusimama komnotho wakuleli isikhulu esiphezulu ebhange elidala kuleli iStandard Bank.

UMnu Goolam Ballim ongusomnotho kuleli bhange ube ethula inkulumo emcimbini wokubonga ukuphela konyaka nokubungaza iqhaza labezindaba abasemkhakheni wezomnotho obe ubanjelwe ekomkhulu laleli bhange eMelrose eGoli ngoMsombuluko.

Lo mcimbi ube uhanjelwe yizikhulu eziphezulu kuleli bhange kanye nezithunywa zezintatheli ezivela ezmazikweni ahlukene. Phakathi kweminye yemikhakha obe ukhona kubalwa nezithunywa zenhlangano yababhali bezindaba iSanef.

UMnu Ballim wendlalele inkulumo yakhe ngokuchaza ukuthi okukhulu kakhulu kubona ngokuhlelwa kwalo mcimbi wukubungaz uhambo lweminyaka leli bhange lisebenzela imiphakathi yaseNingizimu-Afrika.

Uveze ukuthi kubungazwa iminyaka ewu-162 laqala ukusebenzela kuleli.

“Sizobonga iminyaka ewu-40 sisekhaleni lempi yokuvundulula amakhono kwezobuciko okukhona kuwona nomculo. Sibungaza iminyaka engamashumi amathathu elakuleli lathola inkululeko.

Nakuba sizobonga angeke ngihlale ngingakhulumi ngokuthi likhulu ithemba esinalo lokusimama komnotho wakuleli ngenxa yokuthi izwe libuswa wuhulumeni owakhiwe ngokubambisana kwamaqembu ezombusazwe.

I-Standard Bank isazoqhubeka nokusebenzela imiphakathi. Sixhase abantu abaningi ngezinsiza kusebenza anangezimali ezinkulu. Kumanje kunezinhlangano ezikhona kuzona zonke izifundazwe esisanda kuzethulela uxhaso,” esho.

Uqhube wathi ukuvikelwa kwamabhizinisi kakhulumeni wakuleli kungaba nomthelela omuhle kakhulu ekutheni kusimame umnotho wakuleli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...