Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 KUBUNGAZWE IMINYAKA EWU-162 YEBHANGE I-STANDARD BANK

KUBUNGAZWE IMINYAKA EWU-162 YEBHANGE I-STANDARD BANK

by | 27 November 2024

PHUMLANI GAMA

SIZWAKALISE ukuba nethemba ngokusimama komnotho wakuleli isikhulu esiphezulu ebhange elidala kuleli iStandard Bank.

UMnu Goolam Ballim ongusomnotho kuleli bhange ube ethula inkulumo emcimbini wokubonga ukuphela konyaka nokubungaza iqhaza labezindaba abasemkhakheni wezomnotho obe ubanjelwe ekomkhulu laleli bhange eMelrose eGoli ngoMsombuluko.

Lo mcimbi ube uhanjelwe yizikhulu eziphezulu kuleli bhange kanye nezithunywa zezintatheli ezivela ezmazikweni ahlukene. Phakathi kweminye yemikhakha obe ukhona kubalwa nezithunywa zenhlangano yababhali bezindaba iSanef.

UMnu Ballim wendlalele inkulumo yakhe ngokuchaza ukuthi okukhulu kakhulu kubona ngokuhlelwa kwalo mcimbi wukubungaz uhambo lweminyaka leli bhange lisebenzela imiphakathi yaseNingizimu-Afrika.

Uveze ukuthi kubungazwa iminyaka ewu-162 laqala ukusebenzela kuleli.

“Sizobonga iminyaka ewu-40 sisekhaleni lempi yokuvundulula amakhono kwezobuciko okukhona kuwona nomculo. Sibungaza iminyaka engamashumi amathathu elakuleli lathola inkululeko.

Nakuba sizobonga angeke ngihlale ngingakhulumi ngokuthi likhulu ithemba esinalo lokusimama komnotho wakuleli ngenxa yokuthi izwe libuswa wuhulumeni owakhiwe ngokubambisana kwamaqembu ezombusazwe.

I-Standard Bank isazoqhubeka nokusebenzela imiphakathi. Sixhase abantu abaningi ngezinsiza kusebenza anangezimali ezinkulu. Kumanje kunezinhlangano ezikhona kuzona zonke izifundazwe esisanda kuzethulela uxhaso,” esho.

Uqhube wathi ukuvikelwa kwamabhizinisi kakhulumeni wakuleli kungaba nomthelela omuhle kakhulu ekutheni kusimame umnotho wakuleli.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...