Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Isematheni kubathengi eyezinqola ezinobuchwepheshe, ama-Express Trolley

Isematheni kubathengi eyezinqola ezinobuchwepheshe, ama-Express Trolley

by | 27 August 2025

IYAQHUBEKA nokusabalala intuthuko yezobuchwepheshe eNingizimu Afrika njengoba kwenzeka nasemhlabeni jikelele. Muva nje, okusematheni wuhlobo olusha lwezinqola zasezitolo (trolley), ezisebenza ngobuchwepheshe, olwethulwe yisitolo iShoprite Group, engabanikazi bezitolo iShoprite, iCheckers, i-Usave nezinye.

Lezi zinqola ezintsha, zithuthukiswe ngobuchwepheshe obubonakala buzokwenza impilo ibe lula kubathengi, futhi kunciphe nolayini abade lapho kukhokhwa khona. Kusukela iShoprite imemezele ukwethulwa kwalezi zinqola ezibizwa ngama-Xpress Trolley, abantu ezinkundleni zokuxhumana bakhuluma ngayo le ndaba.

Abanye bakhathazekile ngokuthi ukwethulwa kwazo kuzoqeda imisebenzi ebantwini. Ichaza esitatimendeni sabezindaba esikhiphile iShoprite mayelana nalezi zinqola, ithi umthengi uzokwazi ukuthi ngesikhathi ecoshacosha, ebe eshaya izimpahla (scan) emshi-nini onesibuko, okuyona i-trolle-y, afake esikhwameni sakhe, futhi akhokhe kuyona i-trolley.

Okumnandi futhi wukuthi lezi zinqola ezakhiwe yithimba lezobuchwepheshe leShopriteX, zenza umuntu akwazi ukubona inani lentengo yezimpahla asezicoshile ukuthi yimalini. Njengoba lezi zinqola zisezintsha, azikasatshalaliswa yonke indawo ukusebenza kwazo, kusahlolwa ezitolo ezimbili zakwaCheckers, okuyiChechers Hyper Brackenfell noCheckers Constantia, zombili eziseWestern Cape.

Kulindeleke ukuba zisatshalaliswe nakwezinye izindawo ngokuhamba kwesikhathi uma kubonakala ukuthi lolu hlelo luhamba kahle. Le nqola futhi kubikwa ukuthi izokwenza umuntu akwazi ukusheshe ukuthola impahla ethile ukuthi ingakuphi esitolo.

Umshini onesibuko uzomtshela umthengi ukuthi leyo mpahla ayifunayo ingakuphi. UMnu Neil Schreuder, oyiChief Strategy and Innovation Officer eShoprite Group, uthi lezi zinqola zenza impilo ibe lula kubathengi, futhi zenzeke ngokushesha.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...