Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Isematheni kubathengi eyezinqola ezinobuchwepheshe, ama-Express Trolley

Isematheni kubathengi eyezinqola ezinobuchwepheshe, ama-Express Trolley

by | 27 August 2025

IYAQHUBEKA nokusabalala intuthuko yezobuchwepheshe eNingizimu Afrika njengoba kwenzeka nasemhlabeni jikelele. Muva nje, okusematheni wuhlobo olusha lwezinqola zasezitolo (trolley), ezisebenza ngobuchwepheshe, olwethulwe yisitolo iShoprite Group, engabanikazi bezitolo iShoprite, iCheckers, i-Usave nezinye.

Lezi zinqola ezintsha, zithuthukiswe ngobuchwepheshe obubonakala buzokwenza impilo ibe lula kubathengi, futhi kunciphe nolayini abade lapho kukhokhwa khona. Kusukela iShoprite imemezele ukwethulwa kwalezi zinqola ezibizwa ngama-Xpress Trolley, abantu ezinkundleni zokuxhumana bakhuluma ngayo le ndaba.

Abanye bakhathazekile ngokuthi ukwethulwa kwazo kuzoqeda imisebenzi ebantwini. Ichaza esitatimendeni sabezindaba esikhiphile iShoprite mayelana nalezi zinqola, ithi umthengi uzokwazi ukuthi ngesikhathi ecoshacosha, ebe eshaya izimpahla (scan) emshi-nini onesibuko, okuyona i-trolle-y, afake esikhwameni sakhe, futhi akhokhe kuyona i-trolley.

Okumnandi futhi wukuthi lezi zinqola ezakhiwe yithimba lezobuchwepheshe leShopriteX, zenza umuntu akwazi ukubona inani lentengo yezimpahla asezicoshile ukuthi yimalini. Njengoba lezi zinqola zisezintsha, azikasatshalaliswa yonke indawo ukusebenza kwazo, kusahlolwa ezitolo ezimbili zakwaCheckers, okuyiChechers Hyper Brackenfell noCheckers Constantia, zombili eziseWestern Cape.

Kulindeleke ukuba zisatshalaliswe nakwezinye izindawo ngokuhamba kwesikhathi uma kubonakala ukuthi lolu hlelo luhamba kahle. Le nqola futhi kubikwa ukuthi izokwenza umuntu akwazi ukusheshe ukuthola impahla ethile ukuthi ingakuphi esitolo.

Umshini onesibuko uzomtshela umthengi ukuthi leyo mpahla ayifunayo ingakuphi. UMnu Neil Schreuder, oyiChief Strategy and Innovation Officer eShoprite Group, uthi lezi zinqola zenza impilo ibe lula kubathengi, futhi zenzeke ngokushesha.

Ezisematheni

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule. Lokhu kuvele embikweni...

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...