Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 UMasipala waseMpendle usufakwe ngaphansi komlawuli

UMasipala waseMpendle usufakwe ngaphansi komlawuli

by | 26 May 2026

NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi.

UMNYANGO wezokuBusa ngokubambisana nezoMdabu (Cogta) KwaZulu-Natal usuqoke uMnu S’thembiso Mthembu ukuthi abengumlawuli (administrator) kuMasipala waseMpendle, ngaphansi kwesiFunda uMgungundlovu.

Sekunesikhathi eside lo masipala ugubuzelwe yizinkinga, okubalwa kuzona ukwehluleka ukusingatha izimali. Kuthiwa eminye imihlangano yamakhansela akulo masipala ibiphela sekuliwa. IHhovisi loMgcinimafa esifundazweni, uNgqongqoshe wakwaCogta esifundazweni, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, nenhloko yalo mnyango uMnu Sicelo Duma, babenomhlangano namakhansela nezikhulu zikaMasipala waseMpandle, ngoMsumbuluko, lapho bememezele khona ukuthi sebewufaka ngaphansi komlawuli.

UMthembu uyanconya ekuphathweni komasipala njengoba useke waba yinhloko kuMasipala waseNkandla nowaseNquthu. Ngesikhathi kusaphethe yena, lab’ omasipala bebethola imibiko engenalo ugcobho (clean audit). Kuke kwasuka umsindo eMpendle, amakhansela e-ANC, efuna ukukhetha uMnu Russel Ngubo, ongaphandle ngoshwele, ukuthi abe yimeya.

UNgqonqqoshe Buthelezi uthi babanike isikhathi esanele abaphethe uMasipala waseMpendle, ukuthi balungise izinkinga zabo, kodwa behluleka. Ngezinye izinyanga izisebenzi zikamasipala bezikhala ngokuthi kaziholile, abanye bekhala ngokuthi kuqashwa ngokwenzelela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...