Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 UMasipala waseMpendle usufakwe ngaphansi komlawuli

UMasipala waseMpendle usufakwe ngaphansi komlawuli

by | 26 May 2026

NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi.

UMNYANGO wezokuBusa ngokubambisana nezoMdabu (Cogta) KwaZulu-Natal usuqoke uMnu S’thembiso Mthembu ukuthi abengumlawuli (administrator) kuMasipala waseMpendle, ngaphansi kwesiFunda uMgungundlovu.

Sekunesikhathi eside lo masipala ugubuzelwe yizinkinga, okubalwa kuzona ukwehluleka ukusingatha izimali. Kuthiwa eminye imihlangano yamakhansela akulo masipala ibiphela sekuliwa. IHhovisi loMgcinimafa esifundazweni, uNgqongqoshe wakwaCogta esifundazweni, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, nenhloko yalo mnyango uMnu Sicelo Duma, babenomhlangano namakhansela nezikhulu zikaMasipala waseMpandle, ngoMsumbuluko, lapho bememezele khona ukuthi sebewufaka ngaphansi komlawuli.

UMthembu uyanconya ekuphathweni komasipala njengoba useke waba yinhloko kuMasipala waseNkandla nowaseNquthu. Ngesikhathi kusaphethe yena, lab’ omasipala bebethola imibiko engenalo ugcobho (clean audit). Kuke kwasuka umsindo eMpendle, amakhansela e-ANC, efuna ukukhetha uMnu Russel Ngubo, ongaphandle ngoshwele, ukuthi abe yimeya.

UNgqonqqoshe Buthelezi uthi babanike isikhathi esanele abaphethe uMasipala waseMpendle, ukuthi balungise izinkinga zabo, kodwa behluleka. Ngezinye izinyanga izisebenzi zikamasipala bezikhala ngokuthi kaziholile, abanye bekhala ngokuthi kuqashwa ngokwenzelela.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...