
INKANTOLO yeMantshi yaseNsuze igwebe owesilisa oneminyaka ewu-45 unyaka owodwa ebhadla ejele ngokushaya, alimaze isalukazi (70) nge-blocks.
UMzimandla Mfeka ugwetshwe yile nkantolo izolo ngalesi sigameko okuvele ukuthi senzeka ngo-2014 eNambithani, eBhamshela, ngaphansi kukaMaspala waseNdwedwe. Kubikwa ukuthi uMfeka nesisulu bangomakhelwane endaweni.
Kubikwa ukuthi ngosuku lwesigameko, isalukazi sasihamba nomzukulu waso ngesikhathi sihlangana noMfeka. Kubikwa ukuthi uMfeka akazange akhulume lutho, kodwa wavele wadonsa ama-blocks okwakhe eyeseduze waphihliza ngawo isalukazi sawa, maqede wasishiya kanjalo.
Kuthiwa emuva kokuba esehambile, kwadlula izinsukwana wabe esethumela abantu ukuba beyomxolisela kulesi saguga ngento ayenzile. Kube sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa aseNsuze wabe eseboshwa uMfeka, ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.







