
THOKOZANI NDLOVU
OWAYENGUME-NGAMELI we-zwe ophinde abe ngumsunguli wo-Mkhonto weSi-zwe Party (MKP), uMnu Jacob Zuma, uthi uma eke wahlulwa wukhetho, uzoyiyeka ipolitiki ayo-bhala izincwadi ezizokhuluma nga-bantu abamnyama nokucabanga kwabo.
UZuma ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni incwadi ekhuluma ngempilo ye-nkosikazi yakhe, uNkk Sizakele Zuma, uMaKhumalo, eThe Octavia Hotel, eNanda, ngoLwesihlanu.
Uthe ukuba kuya ngaye ngabe abantu abamnyama bavotela iqe-mbu elilodwa bonke ukuze baqi-nisekise ukuphatha izwe.
Ubekhuluma ngokhetho luka-zwelonke okulindeleke ukuba lu-banjwe ngo-2029. Okhethweni lo-kuqala olungenelwe yiMKP obelu-ngoNhlaba (May) wango-2024, leli qembu likaZuma laba ngelesithathu elikhulu kuleli ngokwamavoti, kanti KwaZulu-Natal yilona elathola amaningi yize lehluleka ukuhla-nganisa u-51% ukukwazi ukubusa isifundazwe.
“Uma ngingehlulwa wukhetho, ngizohlanza ngedela, ngiyozihlalela ekhaya. Nakuba ngisekhona kwezombusazwe kungenxa yokucabangela abaholi abanjengo-Oliver Tambo ababemi eqinisweni. Uma ngingamane ngiyeke kusenje, lokho kuyosho ukuthi ngidayisa ngabo.
“Yingakho nobulungu bami busekhona kwi-ANC, ngoba inhloso kakukhona ukuyi-qeda. Ngasungula iMKP, ngoba ngifuna ukutakula yona i-ANC. Ngizolwela ukuthi uma ngike nganqoba ukhetho, ngiyihlanga-nise iMKP ne-ANC bese ngisondeza wonke amaqembu abantu abamnya-ma,” esho.
Uthe uma kungenzeka kubakhona abazama ukuqeda ubulungu ba-khe kwi-ANC, uzolwa kuze kunqamuke izandla, ebagijimisa izinka-ntolo. Uveze ukuthi bathathe isinqumo sokuthi kube ne-ncwadi ekhuluma ngoMaKhumalo, ukuze aveze konke ngempilo yakhe.
“Ngibone kungcono ukuthi aveze impilo yakhe eyedwa. Ngako-lwami uhlangothi, ngisayobuye ngikhulume ngeyami (impilo) iyodwa.
“Bengingafuni ukuthi kuhlanga-ne umlando wami nowakhe. Lokho kungenxa yokuthi likhulu iqhaza abe nalo ekungesekeni ngesikhathi ngizabalazela izwe.
“Naye ungomunye wabesifazane abakhona emla-ndweni wokuzabalazela izwe njengoba angivumela ukuba ngiqhubeke noku-zabalaza, waphinda waboshwa ngenxa yawo umzabalazo.
“Omunye umuntu wesifazane wayengeke ayimele indaba yomuntu onjengami. Wangihla-lela iminyaka eyishumi ngiboshiwe, wa-phinde wangihlalela eminye eyishumi nanye sengisekudingisweni,” esho.
www.ilanganews.co.za







