Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UZuma uzoyishiya ipolitiki uma ehlulwa wukhetho ngo-2029

UZuma uzoyishiya ipolitiki uma ehlulwa wukhetho ngo-2029

by | 18 February 2026

THOKOZANI NDLOVU
OWAYENGUME-NGAMELI we-zwe ophinde abe ngumsunguli wo-Mkhonto weSi-zwe Party (MKP), uMnu Jacob Zuma, uthi uma eke wahlulwa wukhetho, uzoyiyeka ipolitiki ayo-bhala izincwadi ezizokhuluma nga-bantu abamnyama nokucabanga kwabo.
UZuma ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni incwadi ekhuluma ngempilo ye-nkosikazi yakhe, uNkk Sizakele Zuma, uMaKhumalo, eThe Octavia Hotel, eNanda, ngoLwesihlanu.


Uthe ukuba kuya ngaye ngabe abantu abamnyama bavotela iqe-mbu elilodwa bonke ukuze baqi-nisekise ukuphatha izwe.
Ubekhuluma ngokhetho luka-zwelonke okulindeleke ukuba lu-banjwe ngo-2029. Okhethweni lo-kuqala olungenelwe yiMKP obelu-ngoNhlaba (May) wango-2024, leli qembu likaZuma laba ngelesithathu elikhulu kuleli ngokwamavoti, kanti KwaZulu-Natal yilona elathola amaningi yize lehluleka ukuhla-nganisa u-51% ukukwazi ukubusa isifundazwe.


“Uma ngingehlulwa wukhetho, ngizohlanza ngedela, ngiyozihlalela ekhaya. Nakuba ngisekhona kwezombusazwe kungenxa yokucabangela abaholi abanjengo-Oliver Tambo ababemi eqinisweni. Uma ngingamane ngiyeke kusenje, lokho kuyosho ukuthi ngidayisa ngabo.


“Yingakho nobulungu bami busekhona kwi-ANC, ngoba inhloso kakukhona ukuyi-qeda. Ngasungula iMKP, ngoba ngifuna ukutakula yona i-ANC. Ngizolwela ukuthi uma ngike nganqoba ukhetho, ngiyihlanga-nise iMKP ne-ANC bese ngisondeza wonke amaqembu abantu abamnya-ma,” esho.


Uthe uma kungenzeka kubakhona abazama ukuqeda ubulungu ba-khe kwi-ANC, uzolwa kuze kunqamuke izandla, ebagijimisa izinka-ntolo. Uveze ukuthi bathathe isinqumo sokuthi kube ne-ncwadi ekhuluma ngoMaKhumalo, ukuze aveze konke ngempilo yakhe.


“Ngibone kungcono ukuthi aveze impilo yakhe eyedwa. Ngako-lwami uhlangothi, ngisayobuye ngikhulume ngeyami (impilo) iyodwa.
“Bengingafuni ukuthi kuhlanga-ne umlando wami nowakhe. Lokho kungenxa yokuthi likhulu iqhaza abe nalo ekungesekeni ngesikhathi ngizabalazela izwe.
“Naye ungomunye wabesifazane abakhona emla-ndweni wokuzabalazela izwe njengoba angivumela ukuba ngiqhubeke noku-zabalaza, waphinda waboshwa ngenxa yawo umzabalazo.


“Omunye umuntu wesifazane wayengeke ayimele indaba yomuntu onjengami. Wangihla-lela iminyaka eyishumi ngiboshiwe, wa-phinde wangihlalela eminye eyishumi nanye sengisekudingisweni,” esho.

www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...