Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isexwayiso ngabafuna imali bethembisa izikhala zokufunda eDUT

Isexwayiso ngabafuna imali bethembisa izikhala zokufunda eDUT

by | 10 December 2025

KUXWAYISWE izitshudeni eziyoqala esikhungweni semfundo ePhakeme iDurban University of Technology (DUT), ngonyaka ozayo, ngezigilamkhuba ezizofuna imali, zithembisa ukuzifaka ezikhaleni zokufunda.

Lesi sexwayiso sikhishwe yisikhulu esiphezulu esibhekelele ukwemukelwa kwezitshudeni esikhungweni, uDkt Ntombenhle Nombela-Mseleku, ngesikhathi ethula umbiko wokulungela ukwamukela izitshudeni ngonyaka ozayo.

UDkt Nombela-Mseleku uthi minyaka yonke uma kuqala unyaka, kunezitshudeni ezigcwala ngaphandle kwesikhungo, ziyofuna izikhala, okuyinto engafanele ngoba konke okuthinta ukubhalisela ukufunda kulesi sikhungo, kwenziwa ngezobuchwepheshe.

“Mangiqale ngicacise nje ukuthi konke okuthinta ukubhalisela ukufunda kulesi sikhungo, kwenziwa ngohlelo lwakwa-CAO, okuwuhlelo olwenziwa ngezobuchwepheshe. Kulo nyaka izitshudeni ezifake izicelo zokuzofunda kulesi sikhungo, ziwu-345 000, ngeshwa izikhala esinazo zilinganiselwa ku-9 500. Kuchaza ukuthi akuzona zonke ezizoba nenhlanhla yokuthola izikhala zokufunda.

“Njengamanje ukufakwa kwezicelo zokufunda sekuvaliwe esikhungweni, futhi kwezinye izifundo sesiqalile ukuphendula abasethubeni lokuthola izikhala zokufunda. Lezi zimpendulo zihlukene kabili, kukhona i-firm offer, okulapho isitshudeni sisuke sesisemukele khona, sekusele kuso ukuthi semukele isikhala zingakapheli izinsuku eziwu-5, ne-conditional offer, okungaba ngeyokuthi isitshudeni sinazo zonke izimfanelo zokunikwa isikhala sokufunda, kodwa mhlawumbe sisalinde imiphumela yokugcina yokuphela konyaka,” esho.

Uthi isitshudeni esingasemukelanga isikhala sokufunda, siyasuswa ohlwini lwasebenikwe izikhala, siyobekwa kwabalindile njengoba lulude uhla lwabadinga izikhala. Unxuse izitshudeni nabazali ukuthi bexwaye abantu abazofuna imali kubo ngoba bethi kunezikhala abazofakwa kuzona.

“Kazikho izikhala ezikhona ezikhokhelwa eceleni eDUT. Njengamanje uhlelo lokwemukela izitshudeni liku-80%, okusho ukuthi izifundo eziningi sezigcwele, ngeke zisemukela muntu. Kulo 20% osele, kukhona nezifundo ezifana nalezi zophiko lwakwa-Arts and Design, esezinabo abakhona, kodwa ukungena kuzo (izifundo) kudinga ukubhala izivivinyo (entry tests), izinhlolokhono (interviews) noma bahlinzeke isikhungo ngamafayela emisebenzi yabo ehambisana nezifundo abafuna ukuzenza (portfolio).

“Uma kunezikhala ezikhona, sizokwazisa abafisa ukufaka izicelo, ngendlela engadingi ukuthi kuze kufikwe mathupha esikhungweni,” kuphetha uDkt Nombela-Mseleku.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...