Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubonga inkampani yabangcwabi umndeni wephoyisa elishone engozini

Ubonga inkampani yabangcwabi umndeni wephoyisa elishone engozini

by | 24 November 2025

UBONGA inkampani yabangcwabi umndeni wakaMakhathini obufihla ilungu lawo eliyiphoyisa ebelisebenzela eNkandla eludlule engozini yemoto okusinde ozakwabo ababili.

UConstable Gcinokuhle Zamokuhle Shandu (32) ubengelinye lamaphoyisa ebeliwukhonzile umsebenzi futhi lizinikele ukusebenzela nokuvikela umphakathi ngokusho kukaMnu Lucky Makhathini okhulumela umndeni waleli phoyisa.

Uthe umndeni ubusalindele lukhulu kuShandu njengoba kuningi abesakuhlela ukukwenza ukuwuthuthukisa.

UMakhathini uthe uchaze uShandu njengephoyisa eliqotho futhi ebelizinikele emsebenzini walo.

Uthe uShandu ushiye izingane zakhe ezimbili njengoba eyesibili ibisencane kakhulu futhi ubesasezinhlelweni zokuyoyibona.

“Ngeshwa ugcine engakwazanga ukuyibona ngenxa yokwehlelwa yilesi sigameko esisihlukumeze kakhulu njengomndeni,” kusho uMakhathini enanela ngokuthi umndeni ushaqekile ngalesi sigameko.

Uthe okududuze umndeni wukusukumela phezulu kwenkampani yabangcwabi Amthole Funerals efike engenelile ngesikhathi sobunzima umndeni usadidekile.

“Nanoma sikwazile ukufihla ilungu lethu ngesizotha kube wukungenelela kwale nkampani futhi yasihlelela umngcwabo onesizotha nesithunzi esimfanele,” kusho uMakhathini.

UMakhathini ubonge amaphoyisa nebandla lamaLuthela ngokweseka umndeni ngesikhathi sobunzima.

UMalume kaShandu uMnu Thokozani Makhathini ophinde abe ngumshumayeli ebandleni lamaLuthela uthe inkampani Amathole Funerals ubasule izinyembezi ngomngcwado osezingeni futhi onesithunzi esifanele umshana wakhe.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...