Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubonga inkampani yabangcwabi umndeni wephoyisa elishone engozini

Ubonga inkampani yabangcwabi umndeni wephoyisa elishone engozini

by | 24 November 2025

UBONGA inkampani yabangcwabi umndeni wakaMakhathini obufihla ilungu lawo eliyiphoyisa ebelisebenzela eNkandla eludlule engozini yemoto okusinde ozakwabo ababili.

UConstable Gcinokuhle Zamokuhle Shandu (32) ubengelinye lamaphoyisa ebeliwukhonzile umsebenzi futhi lizinikele ukusebenzela nokuvikela umphakathi ngokusho kukaMnu Lucky Makhathini okhulumela umndeni waleli phoyisa.

Uthe umndeni ubusalindele lukhulu kuShandu njengoba kuningi abesakuhlela ukukwenza ukuwuthuthukisa.

UMakhathini uthe uchaze uShandu njengephoyisa eliqotho futhi ebelizinikele emsebenzini walo.

Uthe uShandu ushiye izingane zakhe ezimbili njengoba eyesibili ibisencane kakhulu futhi ubesasezinhlelweni zokuyoyibona.

“Ngeshwa ugcine engakwazanga ukuyibona ngenxa yokwehlelwa yilesi sigameko esisihlukumeze kakhulu njengomndeni,” kusho uMakhathini enanela ngokuthi umndeni ushaqekile ngalesi sigameko.

Uthe okududuze umndeni wukusukumela phezulu kwenkampani yabangcwabi Amthole Funerals efike engenelile ngesikhathi sobunzima umndeni usadidekile.

“Nanoma sikwazile ukufihla ilungu lethu ngesizotha kube wukungenelela kwale nkampani futhi yasihlelela umngcwabo onesizotha nesithunzi esimfanele,” kusho uMakhathini.

UMakhathini ubonge amaphoyisa nebandla lamaLuthela ngokweseka umndeni ngesikhathi sobunzima.

UMalume kaShandu uMnu Thokozani Makhathini ophinde abe ngumshumayeli ebandleni lamaLuthela uthe inkampani Amathole Funerals ubasule izinyembezi ngomngcwado osezingeni futhi onesithunzi esifanele umshana wakhe.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...