Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umunyu unina kamufi ebuza umbulali ngamazwi okugcina endodakazi

Umunyu unina kamufi ebuza umbulali ngamazwi okugcina endodakazi

by | 7 November 2025

KUVELE ukuthi ubengumuntu womndeni futhi ehola itshe lemali emsebenzini abewenza, owesilisa olahlwe ngamacala okudlwengula nokubulala isitshudeni esasenza izifundo zokushayela amabhanoyi, okuthiwa sasinezinyanga ezinhlanu sikhulelwe amawele.

Lokhu kuvele ngoLwesibili eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngesikhathi uNdabenhle Lindokuhle Majola (38), eshwelezelwa ngummeli wakhe benodadewabo, bencenga ukuba inkantolo imzwele uma isimgweba ngamacala athinta umufi uNkz Inam Tshakeni (20).

UNkz Tshakeni wabulawa ngomhla ka-13 kuNtulikazi (July) ngonyaka odlule, isidumbu sakhe satholakala silahlwe esigangeni eCanelands, ngaseVerulam. Kwabikwa ukuthi umufi wayenoMajola endaweni yokucima ukoma, eyaziwa ngokuthi yiKwaBulawayo Tavern, eReservoir Hills, ngaseWestville, okuyilapho agcina ukubonakala khona ephila, bahamba bobabili ngemoto.

Ngokobufakazi obusenkantolo, uMajola wagxisha umufi ngotshwala, wabe esehamba naye, beya endlini yakhe, okuyilapho okuthiwa wafike wamdlwengula khona ngaphambi kokumklinya, ambulale, maqede wayolahla isidumbu sakhe eCanelands.

NgoLwesibili kugibele ebhokisini lofakazi udadewabo kaMajola, uNkz Nomzamo Majola, eyomcelela ukuba inkantolo ingasiqinisi isandla uma seyimgweba, njengoba amacala emlahle ngoMsombuluko.

Uthe umfowabo ungumuntu ongenalo udlame futhi uyondla kubo. Uthi unezingane eziwu-7 ezineminyaka ephakathi kuka-5 no-19. Uthi ezine ezengoduso yakhe, ezintathu uzizala ngaphandle. Uthe indodana yakhe eneminyaka ewu-19 yenza izifundo zeData Science e-University of Cape Town, kanti kunemali elinganiselwa ku-R40 000 okumele ikhokhwe nguyise njengoba eboshiwe.

Uthe isifiso sakhe wukuthi umfowabo angagwetshwa iminyaka eminingi ukuze ezokwazi ukuphuma alekelele unina kamufi ekukhokheni imali ayeboleka ebhange ngesikhathi efundisa umufi. Uqhube wathi zonke izingane zikaMajola ziyafunda, futhi nguyena ozikhokhelayo.

“Le nto okuthiwa wayenza, siqale sangayikholwa kodwa kuthe uma sizwa ubufakazi lapha enkantolo, sakholwa ukuthi uyenzile ngempela. Isethusile siwumndeni ngoba kasimazeli okubi, mina nje akakaze angibeke isandla, ngimazi njengomuntu olungile, futhi owusizo ekhaya.

“Umama uyagula, unoshukela, akekho umuntu ozomyisa kodokotela ngoba nguyena kuphela umfowethu obelekelela. Into ayenzile ibuhlungu, futhi ngiyazwelana nomndeni wakwaTshakeni.

“Ngiyafisa ukuthi inkantolo ingasiqinisi isandla ukuze ezophuma ejele, ahambe ayolekelela umaka-Inam (umufi) ukukhokha imali ayeboleka ebhange, emfundisa,” esho.

Ngalesi sikhathi unina kamufi wehlulekile ukuzibamba, wakhihla isililo enkantolo, kwaze kwaphoqa ukuba aphumele ngaphandle nabehamba nabo, bezama ukumduduza. Umshushini kuleli cala uMnu Denardo Mcdonalds, ubuze uNkz Majola ukuthi ngokwakhe uzimisele ukuthi umfowabo agwetshwe isigwebo esingakanani; waphendula ngokuthi ngeke akwazi ukuphendula lo mbuzo, kodwa yinkantolo ezosho.

Ummeli kaMajola, uMnu Patrick Mkhumbuzi, naye uthe ikilayenti lakhe lingumuntu onomndeni futhi liyondla. Uthe uMajola usebenza njenge-technician, kanti ngenyanga uhola imali ewu-R51 000, afundise izingane zakhe futhi nguyena yedwa obebheke ikhaya.

Unina kamufi uNkz Asanda Tshakeni, encwadini efundwe enkantolo, ubuze amazwi okugcina indodakazi yakhe eyawasho kuMajola ngesikhathi eyikhipha umphefumulo.
Uthe ukufa kwendodakazi yakhe kumhlukumeze kakhulu ngoba akasakwazanga nokuthola ithuba lokubona abazukulu bakhe, njengoba yabulawa ikhulelwe amawele.

“Ngifisa ukubuza ukuthi ngabe unazo yini izingane, ngabe ngezamantombazane yini Ngathola ucingo lungazisa ngokubulawa kwengane yami, eyayinyamalele. Isidumbu sayo satholakala silimele, siboshwe izandla ezaziphukile, ebusweni ilimele sengathi yayishaywa. Ngiyazibuza ukuthi yayenzeni ingane yami ingaze ibulawe okwenja?

“Uma kukhona eyakwenza kuwena, wawungaceli ngani inombolo yami ungazise okugcono ukuze ngizoyixolisela?” kubuza unina kamufi.

Uthi lesi sigameko simenze wayeka ngisho ukubuka izindaba kumabonakude, ngoba kuvela izigameko ezifuze lesi sendodakazi yakhe. Uthi ubesebeke amathemba akhe ku-Inam, njengoba wayenza izifundo ezingajwayelekile, okwenza wameseka.

Uthe waze waboleka nemali ukuze umufi ayoqhuba izifundo zakhe zokushayela amabhanoyi. IJaji uBrenda Sibiya likuhlehlisele uLwesihlanu ukukhipha isigwebo.

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...