Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kumiswe izimenenja ‘ezingenaziqu’ eMkhanyakude

Kumiswe izimenenja ‘ezingenaziqu’ eMkhanyakude

by | 23 October 2025

YIBAMBA lemenenja yaseMkhanyakude, uDkt Siyabonga Ntuli, yisekela lemeya uMnu Thembinkosi Sibiya, yimeya uMnu Comfort Khumalo, uMnu Petros Madlopha onguSomlomo noMnu Simosakhe Mthembu onguSihlalo woMnyango wakwaTechnical.

ZIYALELWE ukuba zihlale emakhaya, zingabe zisalubhada emsebenzini izimenenja zeminyango eyahlukene kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude. Lokhu kuvezwe yibamba lemenja kulo mkhandlu, uDkt Siyabonga Ntuli, ngesikhathi ubuholi obusha bubambe isithangami sabezindaba emahhovisi alo mkhandlu aseHluhluwe, ngoLwesihlanu.

UNtuli ubehambisana neMeya uMnu Comfort Khumalo, isekela lakhe uMnu Thembinkosi Sibiya nosomlomo womkhandlu uMnu Petros Madlopha. Uthe kuningi okutholakale ukuthi kakwenzeki kahle kulo mkha-ndlu, ikakhulukazi ekuphathweni kwemali yawo.

Uthe okunye abafike bakubheka, baphinde bathatha isinqumo sokuba kungabe kusenzeka, wukulala emahhotela kwezisebenzi uma kunemisebenzi okusuke kufanele yenziwe, ukukhokhelwa kwamahora engeziwe, nokuqashwa kwabantu abangenawo amakhono adingekayo. Uthe kunezimenenja ezimisiwe emuva kokuba kusungulwe uphenyo maqondana neziqu zazo.

“Kulesi sikhathi esifushane si-ngenile emahhovisi alo mkhandlu, sithathe isinqumo sokubhekwa kwazo zonke zisebenzi ukuthi ziqashwe ngokufanele yini. Sikubone kufanele ukuthi siqale ngokuhlola iziqu zezimenenja. Ngesizathu somthetho, siwagodlile amagama alabo abamisiwe. Lokhu kasikagcini ukukwenza njengoba sizobuye sibheke nakuzona zonke izisebenzi,” kusho uNtuli.

UKhumalo uthe okunye abazimisele ukulwisana nakho, wukuqeda ngezenzo zenkohlakalo okuhlala kubikwa ukuthi iyenzeka kulo mkhandlu.

“Kunezisebenzi eziholelwa imali engaphezulu ngisho kwemiholo yazo ngoba kuthiwa zisebenze isikhathi esengeziwe. Sikuvalile lokho. Akukho isisebenzi salo mkhandlu esizolala ehhotela noma ngabe yinini ngoba sithi siyosebenzela umasipala,” kusho uKhumalo.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...