Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isexwayiso ngezimvula ezinamandla eKZN

Isexwayiso ngezimvula ezinamandla eKZN

by | 23 April 2025

UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal usujube abezimo eziphuthumayo, ukuthi bame ngomumo njengoba kulindeleke izimvula ezinamandla nezihambisana nokuduma kwezulu, ezingxenyeni ezalukene zesifundazwe.

Izindawo ezihlonzwe njengezingakhahlamezeka kakhulu yilezi zimvula yiTheku, aBaqulusi, yiNewcastle, wuThukela, wuMlalazi, wuMhlathuze, wuLundi noNongoma.


Isitatimende esikhishwe nguMnu Senzelwe Mzila, okhulumela iCogta esifundazweni sithi: “Abantu siyabacela ukuthi bahlale ezindlini, bangabi wuvanzi ngoba lezi zimvula ziyingozi. Abahamba ngezimoto, uma imoto yalowo muntu yemuka nomfula, makehle emotweni. Ezindaweni zasemakhaya, kucelwa ukuthi imfuyo idlele eduze nasemizini yabantu,” esho.


AbakwaSouth African Weather Service bathi izimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu zilindelwe namuhla ngoLwesithathu, nakusasa ngoLwesine.

Akuyona yodwa iKZN ehlaselwe yizimvula ezinamandla njengoba nase-Eastern Cape, eMonti (East London), izimvula zidale omkhulu umonakalo, kanti nomfula iBuffulo ubudla izindwani.

Kukhuthazwa nabashayeli ukuthi bacophelele ngoba imigwaqo iyashelela. Kwenzeka lokhu nje, abashayeli ezweni banconyiwe ngendlela abaziphathe ngayo ngamaholidi ePhasika njengoba izingozi emigwaqeni zinciphile uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...