Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wethembisa ukukhuculula iGoli owe-IFP ogaqele esobumeya

Wethembisa ukukhuculula iGoli owe-IFP ogaqele esobumeya

by | 17 May 2026

WETHEMBISA ukukhuculula iGoli uma enqoba ukhetho uMnu Mlungisi Mabaso, i-IFP ememezele ukuthi izofolosa ngayo kwesobumeya okhethweni lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November).

Ethulwa ngokusemthetheni njengozomela iqembu ngoMgqibelo, uMabaso uthe leli dolobha labulekile emnothweni weNingizimu Afrika. Ubalule izinselelo zezindlu, ukwentuleka kwemisebenzi nenkohlakalo njengezinto azibeke eqhulwini kuyena.

“IGoli kumele libuyele ekubeni yidolobha abantu abaziqhenyayo ngokuhlala kulona noma eduze kwalo. INkatha izobuyisa isiko lokuphepha, ukuziphatha nokwenza izinto kahle kuhulumeni wasekhaya. Siyakholelwa ekutheni imigwaqo kumele ihlanzeke, nemiphakathi iphephe,” esho.

UMabaso ngomunye wamalungu asemancane ngokweminyaka egungqini esilawula umkhandlu waseGoli njengoba ebhekelele umnyango wezokuhlaliswa kwabantu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...