Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wethembisa ukukhuculula iGoli owe-IFP ogaqele esobumeya

Wethembisa ukukhuculula iGoli owe-IFP ogaqele esobumeya

by | 17 May 2026

WETHEMBISA ukukhuculula iGoli uma enqoba ukhetho uMnu Mlungisi Mabaso, i-IFP ememezele ukuthi izofolosa ngayo kwesobumeya okhethweni lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November).

Ethulwa ngokusemthetheni njengozomela iqembu ngoMgqibelo, uMabaso uthe leli dolobha labulekile emnothweni weNingizimu Afrika. Ubalule izinselelo zezindlu, ukwentuleka kwemisebenzi nenkohlakalo njengezinto azibeke eqhulwini kuyena.

“IGoli kumele libuyele ekubeni yidolobha abantu abaziqhenyayo ngokuhlala kulona noma eduze kwalo. INkatha izobuyisa isiko lokuphepha, ukuziphatha nokwenza izinto kahle kuhulumeni wasekhaya. Siyakholelwa ekutheni imigwaqo kumele ihlanzeke, nemiphakathi iphephe,” esho.

UMabaso ngomunye wamalungu asemancane ngokweminyaka egungqini esilawula umkhandlu waseGoli njengoba ebhekelele umnyango wezokuhlaliswa kwabantu.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...