
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nabaHoli boMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uhloniphe amakhosi aseNdlunkulu angu-8, ngeqhaza alibamba ekuqinisekini ukuthi ingoma iyathuthuka ezindaweni zawo.
Lokhu kwenzeke kwiGala Dinner ebeyibanjelwe eCoastlands Hotel, eMusgrave, lapho bekunomcimbi wokuhlonipha nokubonga amakhosi, izinduna kanjalo namagoso amaqembu azobe enandisa namhlanje emcimbini Ingoma kaZwelonke, ehlelwa nguMnu Xolani Mcineka nekomidi lakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mcimbi onamhlanje sekungowesine kanti enyangeni edlule, uMnyango wakwaCogta uveze ukuthi usungabanye babaxhasi balo mcimbi, waphinde wazibophezela ekutheni nawo uzolekelela ngokusemandleni awo ukuthi lo mcimbi ube sezingeli eliphezulu.

Phakathi kwamakhosi angu-8 ahlonishwe nguNgqongqoshe Buthelezi nathe enza ngokusemandleni ukukhuthaza intsha ukuba ibambe iqhaza engomeni kube yiNkosi uBiyela yaseSanguye, Inkosi uMpungose, yaseMahlabathini, Inkosi yaseMachunwini eMsinga, Inkosi yakwaDlomo eNkandla, Inkosi yakwaShange eShowe, Inkosi yakwaMzimela eMthunzini, Inkosi yakwaNgcobo eNdwedwe, Inkosi yakwaMakhanya eMbumbulu, kanye nenkosi uBiyela yasoBuka.
Ungqongqoshe uphinde wanikezela la makhosi izitifiketi kanti kakuwona kuphela ahlonishiwe njengoba ephinde wachoma namagoso ngophaphe lwegwakagwala ngeqhaza lawo ekutheni ingoma ingashabalali.
Amagoso ahlonishiwe nguDalofu Msheshana Mkhize, nguMasithela Dingizwe Nxumalo, nguNhlanhla Thisha Mahlaba, nguMthembeni Bholane Mthimkhulu, nguMjwayeleni Saboshwa Mzimela, nguSihle Masango kanye noMntwana uThokozani Nkinobho Zulu.
“Likhulu kakhulu igalelo lamakhosi ekuthuthukiseni ingoma, kanjalo kasikwazi ukukhohlwa yigalelo lamagoso. Ingoma inanamandla okuqeda izimpi zezigodi nokuyinto esesike sayibona yenzeka. Ingoma sizoyeseka ngoba sibonile ngisho omaskandi abadumile, abanye baqale begida ingoma kodwa manje sebekwelinye izinga. Siyabonga kakhulu kuMnu Mcineka nekomidi lakhe ngalo mcimbi oqhubekayo kuyimanje ePeople’ Park, eMoses Mabhida,” kusho uShenge.
Angaphezulu kuka-80 amaqembu azobe edlana imilala namhlanje kanti kuwona, kukhona angu-10 abesifazane okuhlanganisa naholwa nguGandaganda, uMjijimi noNdoni.






