Ilanga News
Home 9 Featured 9 NeKwaZulu-Natal izohlomula ngomhlangano wamazwe angosondonzima iG20

NeKwaZulu-Natal izohlomula ngomhlangano wamazwe angosondonzima iG20

by | 5 December 2024

BHEKI NDLOVANA

UHULUMENI uthi zonke izifundazwe zizohlomula ngengqungquthela enkulukazi yabaholi bamazwe ayingxenye yeqoqo elibizwa ngokuthi yiG2O, njengoba ngonyaka ozayo izosingathwa yiNingizimu Afrika. 

UNkz Khumbudzo Ntshavheni, ongungqongqoshe eHhovisini likaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, uthi izifundazwe zizohlomula ngokusingatha imihlangano ezobe yandulela omkhulu wabaholi. Usho lokhu ngesikhathi ebika mayelana nokudingidwe emhlanganweni wakamuva wekhabhinethi. 

Uthi ngaphambi kosuku olukhulu lwengqungquthela yabaholi, kuzoba nemihlangano engaphezu kuka-130 ezokwenzelwa ezifundazweni ezahlukene, okubalwa kuzo neKwaZulu-Natal.

Uqhube wathi ukwenzelwa kwale ngqungquthela kuleli kuzobeka iNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba, kuyihlomulise ngethuba lokubonakala njengezwe elibalulekile entuthukweni yomhlaba.

Amazwe ayingxenye yeG20 kubalwa kuwo i-South Africa, Canada, China, France, Argentina, Australia, Italy, Brasil, Germany, India, Indonesia, Mexico, Japan, Korea, Saudi Arabia, Russia, Türkiye, UK ne-USA, kanti kungena ne-African Union (AU) kanye ne-European Union (EU).

Leli yiqoqo lamazwe anomnotho oqhakazile nothuthukayo, kanti asuke ehlangene ngakho ukudingida ngezithinta umnotho emhlabeni, kanjalo nokuqinisa ubudlelwano bezokuhwebelana.

Komengameli bamazwe ayingxenye yeG20 abalindeleke ukuba bawethamele lo mhlangano kubalwa noMnu Donald Trump osandwa kuqokwa njengomengameli ozothatha izintambo zombuso kuMnu Joe Biden ophumayo. Nokho akukaqinisekiswa ukuthi uTrump uzoza yini kulelo, kanti uMengameli Ramaphosa uthe umlindele uTrump ukuba afike, ikakhulukazi njengoba iNingizimu Afrika izokwedlulisela kwi-USA okuyiyona ezosingatha umhlangano weG20 olandelayo emuva kweNingizimu Afrika. 

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...