Ilanga News
Home 9 Featured 9 NeKwaZulu-Natal izohlomula ngomhlangano wamazwe angosondonzima iG20

NeKwaZulu-Natal izohlomula ngomhlangano wamazwe angosondonzima iG20

by | 5 December 2024

BHEKI NDLOVANA

UHULUMENI uthi zonke izifundazwe zizohlomula ngengqungquthela enkulukazi yabaholi bamazwe ayingxenye yeqoqo elibizwa ngokuthi yiG2O, njengoba ngonyaka ozayo izosingathwa yiNingizimu Afrika. 

UNkz Khumbudzo Ntshavheni, ongungqongqoshe eHhovisini likaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, uthi izifundazwe zizohlomula ngokusingatha imihlangano ezobe yandulela omkhulu wabaholi. Usho lokhu ngesikhathi ebika mayelana nokudingidwe emhlanganweni wakamuva wekhabhinethi. 

Uthi ngaphambi kosuku olukhulu lwengqungquthela yabaholi, kuzoba nemihlangano engaphezu kuka-130 ezokwenzelwa ezifundazweni ezahlukene, okubalwa kuzo neKwaZulu-Natal.

Uqhube wathi ukwenzelwa kwale ngqungquthela kuleli kuzobeka iNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba, kuyihlomulise ngethuba lokubonakala njengezwe elibalulekile entuthukweni yomhlaba.

Amazwe ayingxenye yeG20 kubalwa kuwo i-South Africa, Canada, China, France, Argentina, Australia, Italy, Brasil, Germany, India, Indonesia, Mexico, Japan, Korea, Saudi Arabia, Russia, Türkiye, UK ne-USA, kanti kungena ne-African Union (AU) kanye ne-European Union (EU).

Leli yiqoqo lamazwe anomnotho oqhakazile nothuthukayo, kanti asuke ehlangene ngakho ukudingida ngezithinta umnotho emhlabeni, kanjalo nokuqinisa ubudlelwano bezokuhwebelana.

Komengameli bamazwe ayingxenye yeG20 abalindeleke ukuba bawethamele lo mhlangano kubalwa noMnu Donald Trump osandwa kuqokwa njengomengameli ozothatha izintambo zombuso kuMnu Joe Biden ophumayo. Nokho akukaqinisekiswa ukuthi uTrump uzoza yini kulelo, kanti uMengameli Ramaphosa uthe umlindele uTrump ukuba afike, ikakhulukazi njengoba iNingizimu Afrika izokwedlulisela kwi-USA okuyiyona ezosingatha umhlangano weG20 olandelayo emuva kweNingizimu Afrika. 

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...