Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isibizelwe umhlangano induna okuthiwa ibeka abantu ngezizumbulu

Isibizelwe umhlangano induna okuthiwa ibeka abantu ngezizumbulu

by | 18 March 2026

I

NKOSI yaseMaphephetheni ngaseThekwini, isibizele esigungwini sayo induna okukhalwa ngokuthi ithatha imali enkulu ukusikela abantu izindawo, maqede ingabiki ebukhosini bendawo, idle imali bese ikhohlisa inkosi ngamabhodlela kagologo.

ILANGA like labika ngodaba lwenduna uMnu Xolani Nojiyeza, okuthiwa izenzela umathanda eMaphephetheni. Kuthiwa uNojiyeza uthatha imali eze ifike ku-R150 000, uma esikela abantu izindawo zokwakha ekubeni kuwu-R3 000 ukukhonzela indawo kulobu bukhosi.

Ngemuva kwesikhalo okuthiwa sivela kwabanye abasanda kusikelwa izindawo eMaphephetheni, iNkosi uThandizwe Gwala, ithe isithathe isinqumo sokubiza zonke izinduna, kuzodingidwa indaba kaNojiyeza ngoLwesibili mhla ka-24 kuNdasa (March) 2026.

“Ngemuva kokuphuma kodaba lukanoNojiyeza ephephandabeni, ngitholile ukuthi kunabanye aphinde ababeka, phezu kwezikhalo ezikhona. Kayikho imali yokukhonzela indawo efike kimina njengenkosi, kodwa ngibone ngamabhodlela kagologo nje kuphela alethiwe, kwathiwa akhishwe ngabantu abebebekwa. Nakhona kangazi ukuthi babekwe kuphi.

“Ngibize zonke izinduna ukuba sihlangane enkantolo yesizwe eMaphephetheni ngoLwesibili oluzayo, ukuyodingida lolu daba nangezinye izinto ezingahambi kahle endaweni, njengoba abantu besikelwa izindawo ngisho naphezu kwedamu, lapho kungamele bakhe khona. 

“Noma incane imali eziyitholayo izinduna eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu, kodwa lokho akumniki uNojiyeza ilungelo lokuthi azithathele imali ayithandayo ebantwini,” kusho iNkosi uGwala.

Inkosi ithe nalawo mabhodlela kagologo asuke elethwa kuyona, kusuke kuwukugcina usiko nje, ngoba yona kayibuphuzi utshwala. 

Embikweni weLANGA odlule, kuvelile ukuthi induna uNojiyeza kayigcini ngokuthatha imali enkulu ebantwini, kodwa iphinde ifune nogologo obiza kakhulu, inyama ebomvu (iT-bone Steak) nama-cider. Kuthintwa induna uNojiyeza, ithe ibingakamthinti iNkosi uGwala ngalolu daba.

“Ngizoyibona inkosi namhlanje (ngoMsombuluko), ngicabanga ukuthi izongazisa uma sesibonana ngomhlangano engibizelwe wona. Okwamanje akukho engingakusho ngawo, ngoba kangikakatshelwa lutho,” kusho uNojiyeza.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...