Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UMkhwanazi uchaze ngomfaniswano ayewugqokile, owasusa izinkulumo

UMkhwanazi uchaze ngomfaniswano ayewugqokile, owasusa izinkulumo

by | 23 September 2025

UCACISE ngomfaniswano wamaphoyisa ayewugqokile ngesikhathi enesithangami sabezindaba uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi (osesithombeni) ethula ubufakazi phambi kweKhomishini kaMadlanga ngoLwesihlanu. 

UGen Mkhwanazi ube ngufakazi wokuqala ukwethula ubufakazi pha-mbi kwale khomishini eqale ngoLwesithathu njengoba echithe izinsuku ezintathu endlalela ngokugxambukela kwabathile emsebenzini wamaphoyisa. 

Ngomhla ka-6 kuNtulikazi (July) uMkhwanazi wabiza isithangami sabezindaba lapho aneka khona amahlazo enzeka emaphoyiseni, waninda izikhulu zamaphoyisa kanjalo nosopo-litiki okubalwa kubo noNgqongqoshe wawo uMnu Senzo Mchunu. 

Kulesi sithangami uMkhwanazi wa-fika edlubhe umfaniswano wamaphoyisa ogqokwa ngabophiko lweSpecial Task Force, ehambisana nabanye ozakwabo begqoke ngokufana naye. Abanye bamgxeka uMkhwanazi ngokugqoka lo mfaniswano, abanye baze bamsola ngokuthi ukhombisa intshisekelo yokufuna ukuvukela umbuso. 

KwiKhomishini kaMadlanga ngoLwesihlanu uMkhwanazi ubuzwe ngokugqoka lo mfaniswano nozakwabo. Uphendule ngokuthi kwakumele akhombise ukuzimisela kwakhe ukubhekana ngqo nesitha esabe sizama ukushaqa amandla ombuso. 

Uthe isimo ababhekene naso sasiphoqa ukuthi kulesi sithangami bashiye phansi othayi nezicathulo kodwa bagqoke amabhuzu kucace ukuthi akusekho ukudlala. Uthi ngemuva kokubona amahlazo abeqhubeka ngaphakathi embuthweni wamaphoyisa, kwamcacela ukuthi akuyona into encane lena ngoba ithinta aba-ntu abakhulu futhi abaxhumene nabasemagunyeni. 

UMkhwanazi uthi lo mfaniswano wawucacisa ukuthi uzimisele ukusiqonda ngqo isitha ababhekene naso embuthweni wamaphoyisa. Namhlanje ngoMsombuluko kulindeleke ukuba kulalelwe ubufakazi bukaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke,  uLt-Gen Fannie Masemola. Basebaningi ababhekiwe ukuthi bayokwethula ubufakazi. 

Phakathi kwalabo ababhekiwe ukuthi bethule ubufakazi kule khomishini kubalwa uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uMnu Senzo Mchunu, owabe engungqongqoshe wamaphoyisa uMnu Bheki Cele, uMnu Gayton McKenzie, nezinye izikhulu zamaphoyisa okubalwa nePhini likaKhomishana wamaphoyisa nalo elimisiwe uGen Shadrack Sibiya nabanye. 

Ngesikhathi ethula ubufaka uMkhwanazi ubalule amagama abantu bamazinga ahlukene okubalwa kubo osomabhizinisi, osopolitiki, izintatheli nabanye. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...