Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezamasiko 9 Isibongo sowesifazane kasishabalali ngisho eseshadile

Isibongo sowesifazane kasishabalali ngisho eseshadile

by | 27 November 2024

Close-up Of African Hands Wearing Golden Rings

THANDI ZONDI
ISAZI ngezesintu uSolwazi Jabulani Maphalala uthi isibongo sowesifazane kasishabalali ngisho kungabe useshadile, nokusho ukuthi ngisho kungabe usebenzisa esowelisa ngeke esakubo sishabalale. “Isibongo sowesifazane kasishabalali ngisho usuyisalukazi ufa naso. Singasuki kuwe ngoba usuke uyokwakha umuzi. Phela endulo bewuba uMaZondi, hayi uMrs Maphalala yinto yabelungu leyo,” kuchaza yena.
Ubechaza njengoba kunomthetho ohlongozwayo wokuthi abesilisa sebezovunyelwa ukusebenzisa izibongo zabesifazane lapho beshadelwa. Lokhu kulandela izithandani ezimbili eziphosele iNkantolo ePhakeme yaseBloemfontein inselelo ngomthetho owenqabela abesilisa ukusebenzisa izibongo zamakhosikazi awo. Nakuba lezi zithandani zivunyelwe ukusebenzisa izibongo zamakhosikazi kepha inkantolo yomthethosisekelo isazothatha isinqumo sokugcina ngalolu daba.

USolwazi Maphalala uthi lokhu kuhlongozwa kwalomthetho kuzoxova abantu abamnyama. “Akukaze kwenzeke lokhu kokhokho bethu. Umuntu uyaye abheke izinto ezazenziwa ngokhokho bakhe, lento izosixova singabantu kumele sihlale ezintweni okungezethu,” kuchaza yena.
Uthi ngisho lokhu osekwenziwa ngabesifazane kokusebenzisa izibongo ezimbili (double barrel surname) yinto engekho kwisintu.
“Asikwazi ukuzigaxa entweni ekanje kungenasidingo. Kumele sizame ukuvuselela okungokwethu, zibuye emasisweni. Njengoba sibona abanye sebegqoka imvunulo begiya, sesibiza amagama ethu esintu, sizigqaja nangezinwele zethu lokho kutshengisa ukuthi akumele silahle okungokwethu,” kuchaza yena.
Uthi nakuba abantu bengeke baye nganxanye bengemanzi kepha bakhona abangafuni ukuphambana nesintu. “Lento ngeke ichume kubantu bakithi abamnyama ngoba iphambene nathi. Abayokwenza lokhu bayobe basihlazile isizwe benze into eyinsambatheka,” kuphetha yena.

ILANGA likhume nabanye besilisa ukuzwa uvo lwabo. UPhilani uthi yinto angasoze ayivume emzini wakhe. “Siwumsangano lesiphakamiso, asiwakhi umqondo. Kuzothiwa ikwabani isibongo kulowo muzi? Mawuthatha umakoti usuke uvusa umuzi, uzobe sewuvusa umuzi wakabani.”
UThobani uthe: “Uma sizolandela yonkinto eshiwo kumthethosisekelo sizolahlekelwa wubuthina. Lento ingasebenza kwezinye izizwe, hhayi kwabamnyama, thina masikufaka inyongo kusuke sekumele ushintshe isibongo. Uma abesifazane bevuma, kusho ukuthi bazosilobola bona.”
USphelele uthi : “Kungamane kuyekwe kunokuthi ngishintshe isibongo, lo mthetho uzoqeda nya ngesithunzi sendoda, iziyabhuyabhu kuphela ezizosebenzisa izibongo zabesimame.”

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...