Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zizohlonzwa ngonomehlo izintombi ezizokhuliswa ngemali ekolekwa oKhozini

Zizohlonzwa ngonomehlo izintombi ezizokhuliswa ngemali ekolekwa oKhozini

by | 14 October 2025

NGUMDIDIYELI wohlelo lukamaskandi uSigiya Ngengoma, uNonhlanhla “Mdonso” Ngcobo, nomshawodi wemali emidlalweni yendishi, uMnu Somthetho Mthethwa, ngesikhathi bebala imali eshaywe emsakazweni ngoMgqibelo.

UKHOZI FM luqale umkhankaso wokuxhasa izintombi eziziphethe kahle, kodwa ezingenabani ngokuthi zishayelwe indishi, ukuze zenzelwe imicimbi yesintu yokukhuliswa kwazo.

Lokhu kuyingxenye yokubonga izintombi okwenziwa wuhlelo lukamaskandi uSigiya ngengoma. Kuhlomule uNkz Khanyisile Zungu waseMatheni, KwaNongoma, noNkz Snethemba Gcwensa waseDududu. Lezi zintokazi zishayelwe indishi ngoMgqibelo ezindlini zomsakazo uKhozi FM.

UNgqongqoshe wezobuCiko namasiko esifundazweni, uMnu Mntomuhle Khawula, welule isandla ngo-R40 000 ohlukaniswe phakathi, negilosa. Imali eshaywe ngabalaleli besiteshi, igodliwe.

Abasakazi bakaSigiya Ngengoma uBingelela Mpanza noVusizwe Langa, bechaza ngenhloso yokusungu-lwa kohlelo lokulekelela izintombi, bathe ziningi ezizalwa emindenini eswele, ezinye kazisenabo abazali abangazenzela isigaba sokukhuliswa, okubalwa umhlonyane nomemulo. Bathi injongo yabo njengesiteshi nohlelo, wukubuyisela emphakathini, babonge izintombi ezisaziphethe kahle.

“Kubalulekile ukuziphatha kahle kwezintombi, yingakho emsakazweni sikuqhakambisa lokho,” kusho uVusizwe.

Ukuhlonzwa kwezintombi ezishayelwe imali yendishi, kucelwe ngonomehlo, kwamenyezelwa emoyeni ukuba baqoke izintombi ezifanelwe wukulekelelwa, bese amagama abaqokiwe ahambisane nendaba ebhaliwe, echaza kabanzi ngokuxakeka koqokwayo nomlando wakhe ekuziphatheni kahle.

Zonke lezi zincwadi zabaqokiwe zifundwe emoyeni, kwabe sekuba ngabalaleli abavotela udaba lomuntu ngamunye oqokiwe. Kuhlonzwe izincwadi ezimbili, okuyizona ezithandwe ngabalaleli, okuwudaba lukaKhanyisile noSinethemba.
Ngokusho kwabasakazi, lezi zintokazi zizokwenzelwa le micimbi.

Ngakolunye uhlangothi, uKhawula weseke okwenziwe wumsakazo ngokuzifikela mathupha ezindlini zawo.

“Umnyango wezamasiko esifundazweni uyakugqugquzela ukuziphatha kahle kwezintombi. Kuyasijabulisa ukuthi abasakazi bethu bafikelwe wumbono omuhle wokwelekelela isizwe sakithi ngalolu hlobo,” esho.

Izintombi nezinsizwa zithelekile ezindlini zomsakazo ngoMgqibelo, zadlala indishi.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...