Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isidumo kuboshwa abokufika abawu-47 nabaqashi babo eMandeni

Isidumo kuboshwa abokufika abawu-47 nabaqashi babo eMandeni

by | 29 October 2025

KUSHUNQE uthuli ngesikhathi izikhulu zoMnyango wezeziSebenzi, nezoMnyango wezaseKhaya, zigasela kungazelele muntu emafenini amabili aseMandeni, ogwini olusenyakatho, yeKwaZulu Natal, ngoLwesibili, ntambama.

Kugaselwe emafemini endwangu iBrightop (PTY) LTD neKwaSandra, kwaboshwa abokufika abangenavume yokuba kuleli zwe abangu-47, nabanikazi balawa mafemu amabili. Kwenye yala mafemu, kuthiwa kutholakale nomfana, eneminyaka ewu-14, esebenza khona.

IMeya yaseMandeni, uMnu Thabani Mdlalose, ifike ehamba nePhini likaNgqongqoshe wezeziSebenzi, uMnu Jomo Sibiya, nezinye zikhulu zale minyango esibaliwe. Kuthiwa uMdlalose noSibiya bebengaqali ukugasela kulawa mafemu, njengoba ngesikhathi begasela okokuqala, ekuqaleni konyaka, babaxwayisa abaphathi ukuthi mabehlukane nokuqasha abantu abangenamvume yokuba kuleli.

“Iningi lalaba bantu abasebenza kula mafemu, basuka eLesotho naseMalawi. Yihlazo leli ngoba baholelwa imali ephakathi kuka-R12 no-R17 ngehora, futhi akukho mihlomulo abayitholayo, ngoba ababhalisiwe kuDepartment of Labour.

“Le nto eyenzeka lapha, iphambene nomthetho wezwe, nemithetho elawula izisebenzi. Omunye umqashi, simbophele ukuthi kusebenza umfana oneminyaka engu-14, efemini yakhe,” kusho uSibiya.

Ekuqaleni kwale nyanga (uMfumfu), iPhini likaNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnu Sihle Zikalala, naye uSibiya, bagasela emasuphamakethe aseNdwedwe, bathola ukuthi kukhona abokufika abangenazo izimvume zokuba kuleli zwe, ababesebenza kuwona.

Abokufika kuleli ababoshwe eMandeni, kuthiwa bazophindiselwa emazweni abo.

UNdunankulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli, ngesonto eledlule, ugasele nethimba lamaphoyisa kaMasipala weTheku, ezitolo ezisemgwaqweni uDkt Pixley kaSeme, enkabeni yeTheku, babopha abokufika abangu-21, abadayisa khona.

Kutholakale ukuthi ngaphezu kokuba bekuleli zwe ngokungemthetho, badayisa ukudla okubolile kulezi zitolo abathengisela kuzo. Amanye amafemu okugaselwe kuwo eKZN, aseNewcastle, nakhona kutholwe abakufika besebenza khona.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...