Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isifike esiphethweni eyombango weVodacom nomsunguli wePlease Call Me

Isifike esiphethweni eyombango weVodacom nomsunguli wePlease Call Me

by | 5 November 2025

Umsunguli wePlease Call Me (PCM) uMnu Nkosana Makate nenkampani yezokuxhumana iVodacom sebefinyelele esivumelwaneni, sangaphandle kwenkantolo.

Lezi zinhlangothi zombili bekulindeleke ukuba zihlangane eNkantolo eNkulu yokweDluliswa kwamaCala kule nyanga ngemuva kokungavumelani ngemali uMakate abefuna ukunxeshezelwa ngayo njengomsunguli wePCM.
Lo mdonsiswano ukusuqhubeke iminyaka ewu-18.

Ngo-2019 uMakate wenqaba u-R47 million owawubekwe etafuleni yiVodacom, ngoba ethi ukholelwa ekutheni kumele athole okungenani u-R126 billion.

“Izinhlangothi zombili zifinyelele esivumelwaneni sokulugoqa lolu daba. Zombili izinhlangothi ziyajabula ngokuthi selufike esiphethweni,” kusho isitatimende sakwaVodacom.

Le nkampani yaqala ukusebenzisa uPCM ngo-2001.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...