Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isifike esiphethweni eyombango weVodacom nomsunguli wePlease Call Me

Isifike esiphethweni eyombango weVodacom nomsunguli wePlease Call Me

by | 5 November 2025

Umsunguli wePlease Call Me (PCM) uMnu Nkosana Makate nenkampani yezokuxhumana iVodacom sebefinyelele esivumelwaneni, sangaphandle kwenkantolo.

Lezi zinhlangothi zombili bekulindeleke ukuba zihlangane eNkantolo eNkulu yokweDluliswa kwamaCala kule nyanga ngemuva kokungavumelani ngemali uMakate abefuna ukunxeshezelwa ngayo njengomsunguli wePCM.
Lo mdonsiswano ukusuqhubeke iminyaka ewu-18.

Ngo-2019 uMakate wenqaba u-R47 million owawubekwe etafuleni yiVodacom, ngoba ethi ukholelwa ekutheni kumele athole okungenani u-R126 billion.

“Izinhlangothi zombili zifinyelele esivumelwaneni sokulugoqa lolu daba. Zombili izinhlangothi ziyajabula ngokuthi selufike esiphethweni,” kusho isitatimende sakwaVodacom.

Le nkampani yaqala ukusebenzisa uPCM ngo-2001.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...