Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kwethulwe umlawuli kumasipala waseMkhanyakude

Kwethulwe umlawuli kumasipala waseMkhanyakude

by | 14 July 2025

NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ehambisana neziphathimandla zomnyango wakhe, emahhovisi kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude.


ABENGABONWA nangokhalo amakhansela e-ANC emhlanganweni womkhandlu kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude obewubanjwe ngaphansi kwezimo ezinzima. Lo mhlangano ububizwe yihhovisi likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi ngenhloso yokwethula umlawuli kulo mkhandlu. 

Ungqongqoshe wethule uMnu Bamba Ndwandwe oke wasibamba lesi sikhundla eminyakeni eyedlule. Echaza ngesizathu sokufaka lo masipala ngaphansi komlawuli, uthe kuningi okungalungile okwenzeka kuwona okubalwa kukhona nenkinga yokungaphathwa kahle kwemali yabakhokhintela. 

“Kungidumazile ukuthi sifike lapha sithole ukuthi iziqhwaga zalapha zivale isango lomkhandlu, ngoba kuzanywa ukuvinjwa thina. Sibabhalele abaphethe lomkhandlu kodwa bakhetha ukungafiki. Sizokwethula nophenyo oluzoqalwa maduze.

“Konke esikwenzayo sikwenza ngoba sigunyazwa wumthetho. Usomlomo womkhandlu wenqabile ukubiza umhlangano, okuyilapho mina ngisebenzise amandla enginawo ngawubiza lo mhlangano,” kusho uButhelezi.


Ephawula uNdwandwe ushaye ngamafushane, wathi yena usebenza ngokubhalwe phansi futhi usebenza ngokulandela umyalelo kangqongqoshe. 

Ngaphandle kwesango lomkhandlu, bekunengxenye yezisebenzi zalo mkhandlu ebezicula izingoma zomzabalazo, ziphikisana nokwethulwa kukaNdwandwe. 

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...