Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Selunqunyiwe usuku lwamaSemi-final eNedbank Cup

Selunqunyiwe usuku lwamaSemi-final eNedbank Cup

by | 3 April 2025

SELUMISIWE usuku okuzogijinywa ngalo imidlalo yamaSemi-final eNedbank Cup.

Kube yizindaba eziwuju lwezinyosi kubaxhasi balo mqhudelwano ngesikhathi amakilabhu amathathu athathwa njengamakhulu kuleli ezibekisela indawo kulesi sigaba.

I-PSL iqoke iSonto lomhla ka-13 ku-April ukuba kugijinywe le midlalo. Kuzoqale kududulane i-Orlando Pirates neMarumo Gallants e-Orlando Stadium, ngo-15h00, kulandele iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs ngo-18h00 eLoftus Versfeld, ePitoli.

Amathikithi azodayiswa ngo-R80 eTicketPro kanti kubhekwe ukuba iPSL imemezele maduze ukuthi azodayiswa nini.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...