Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uboshwe engazelele umfundisi kuvuka elokubulala intombi

Uboshwe engazelele umfundisi kuvuka elokubulala intombi

by | 20 December 2024

NGUNKZ Thembelihle Nxumalo isidumbu sakhe esatholwa sinenqwaba yamanxeba okugwazwa.

UBOSHWE okwesibili umfundisi webandla elaziwayo eDukuduku, eMtubatuba, ngecala lokubulala owesifazane ngoba esola unina (kamufi) ngokumthakatha.

UMnu Lucky Msawenkosi Menyuka, ongumfundisi ebandleni iGalile Church In Zion, khona eMtubatuba, ushaqwe ngamaphoyisa ngoMgqibelo ebusuku, kulandela ukuvuka kwecala lokubulala uNkz Thembelihle Nxumalo (25) owayeyisinqandamathe sakhe, mhla ka-17 kuNhlolanja (February) ngo-2020.

ILANGA labika ngalolu daba lapho okwavela khona ukuthi umufi noMenyuka babenobudlelwano bezothando, kodwa sebehlukene. Umndeni kamufi wathi ngemuva kokuba sebehlukene, uMenyuka wanuka unina kamufi ngokuthi uyamthakatha njengoba wayeke waxinwa wukugula.

Ngosuku abulawa ngalo, kuthiwa uMenyuka washayela ucingo umufi, emcela ukuba babonane eduze nakubo ngoba efuna badingide udaba lokuthi ngubani omtshele ukuthi uthakathwa ngunina. Kusolwa ukuthi sebehlangene, uMenyuka wagqema ngesando umufi, wabuye wamgwaza inqwaba yamanxeba.

Umndeni kamufi wasola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngesikhathi engabuyi. Kwabikwa ukuthi umphakathi wabe sewuphuma inqina uthungatha umufi. Kwavela ukuthi isidumbu sakhe saze satholakala ngakusasa esimobeni, sinenqwaba yamanxeba okugwazwa.

UNkz Sbongile Nxumalo, ongunina kamufi, uthe ujabule ukuthi umsolwa useboshiwe futhi. Uthe bekumkhathaza ukubona umuntu owabulala indodakazi yakhe ezicanasela ngaphandle sengathi akenzanga lutho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuboshwa kukaMenyuka, ngemuva kokuba inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuba aboshwe. Uthe phambilini icala lahoxiswa ngoba kusaqhubeka uphenyo, kanti sekutholakale obunye ubufakazi.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...