
UVELE kafushane enkantolo owesilisa osolwa ngokuphihliza ikhehla (74) ngesagila lashona, ngoba elisola ngokuthakatha. UMnu Menzi Ngubane (34) uvele eNkantolo yeMantshi yaseNdwedwe ngecala lokubulala uMnu Alfred Mbanjwa (74), esigamekweni esenzeke ngoMgqibelo eNkivane, eBhamshela.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke emuva kwengxabano equbuke phakathi kwalaba bobabili, eholele ekutheni umsolwa adonse isagila, aphihlize umufi ephindelela. Ngokuthola kweLANGA, umsolwa bese kunesikhathi esola umufi ngokuthi uyaloya, nokuthiwa yikhona okuholele ekutheni agcine emshaya ngesagila.
Umthombo waleli phephandaba okuleya ndawo, ulihlebele ukuthi lesi sigameko senzeke emini ngoMgqibelo, umsolwa uboshwe ngalo lolu suku ebusuku elele kubo. Umthombo uveze ukuthi kusize amalungu omphakathi, ancinze indlebe amaphoyisa esefikile kubo umsolwa, zamkhalela.
“Ngokuzwa kwethu, umsolwa nomufi baphambane endleleni, babingelelana kwaba khona abakukhulumayo. Asazi ukuthi kwenzekeni, kodwa kuzwakale umufi esethi uzokwenza lokhu akwenza kuyise kamsolwa, okuyikhona okusolwa ukuthi kumcasulile, wabe esedonsa isagila, wamshaya ngaso ephindelela.
“Ulishaye kanzima ikhehla laze lawa phansi. Ngenhlanhla zikhona izingane ebeziseduze, zabe zesigijima ziyobikela indodana yakhe umufi ebiqaphe izinkomo,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo, uthi kunezinsolo zokuthi umsolwa ubevele emcuphile umufi ngoba vele kudala kwake kwaba nezinsolo zokuthi uyaloya.
“Izingane ebeziseduze zigijime zabikela indodana kamufi okuthe uma iqhamuka, wabaleka lo mfana. Asazi ukuthi ubaleke waya kuphi kodwa kuthe ngawo uMgqibelo, wabuyela kubo esedle amponjwana, kanti ngenhlanhla kukhona abazombona. Kube sekubikelwa amaphoyisa amfice edakwe engazi nanyaka. Ube eseboshwa khona lapho,” esho.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal uLt-Col Paul Magwaza uthe amaphoyisa aseNsuze abophe umsolwa oneminyaka ewu-34 ngecala lokubulala isisulu esineminyaka ewu-74.







